STHEMBISO NGOBESE
UMQEQESHI weBafana Bafana, uMolefi Ntseki, ubona uPercy “Lion of Judah” Tau, esevuthwe ngokwanele ukuyodlala kwiBrighton & Hove Albion, egijima kwi-English Premiership yase-England.
UNtseki usho kanje ngemuva kwemibiko ethi lo mdlali okumanje ugijima kwiRSC Anderlecht yaseBelgium, kungenzeka ayogijima e-England ngoJanuwari wanonyaka uma sekuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali emaqenjini.
UGraham Potter oyiMenenja kwiBrighton ucashunwe emithonjeni yabezindaba ngasekupheleni konyaka odlule ethi baphezu kwemizamo yokumbuyisela e-England, uTau.
UTau wajoyina iBrighton ngo-2018 esuka kwiMamelodi Sundowns, ayesenqobe nayo izicoco eziningi okubalwa neseCaf Champions League.
Kodwa imithetho eqinile yase-England ethinta imvume yokusebenza khona kubadlali bangaphandle, igcine isiphoqa ekutheni iBrighton imbolekise emaqenjini aseBelgium, iRoyal Union Saint Gilloise, iClub Brugge ne-Anderlecht ecijwa nguVincent Kompany wodumo kwiManchester City.
Ekhuluma neSolezwe uNtseki uthe, kumasizini amathathu uTau asewadlale eBelgium usekhombise ngokwanele ukuthi usengakwazi ukubhekana nenselelo yokudlala kwi-English Premiership.
“UPercy ungumdlali osemncane oseqophelweni eliphezulu kakhulu, ngiyalijabulela izinga akulo njengamanje, ungumdlali ohlale ezimisela ngaso sonke isikhathi uma esenkundleni.
“Kumasizini amathathu asewadlale eBelgium usekhombisile ukuthi usevuthwe ngokwanele ukuthi usengadlala e-England ngaphandle kwenkinga. Ukudlala kwakhe emiqhudelwaneni emikhulu iChampions League futhi edlala namaqembu afana neReal Madrid, iParis Saint-Germain neManchester United nakho futhi kumenze waqina kakhulu ukhakhayi kunakuqala.
“Nakuba kukhona imibandela ebekiwe yokuyodlala kwakhe kwiPremiership kodwa ngicabanga ukuthi uma enganikezwa ithuba angafike agile izimanga njengoba enza nje eBelgium,” usho kanje uNtseki.
Lo mqeqeshi uphethe ngokuthi:”Ngaphandle nje futhi kokuthi kusizakale uTau siqu sakhe ngokuyodlala kwiPremiership lokhu kungaphinde kuphakamisele phezulu nefulegi laseMzansi.”
Uma uTau egcina elitholile ithuba lokuyodlala kwi-English Premiership uzokube eselandela ezinyathelweni zezingwazi zakuleli esezabeka amakhokho emgibeni uLucas “Rhoo” Radebe, uPhilemon “Chippa” Masinga (ongasekho), uMark Fish, uShaun Bartlett, u-Eric Tinkler, uSteven Pienaar, uBenni McCarthy,u- Aaron “Mbazo” Mokoena, u-Andre Arendse noQuinton Fortune. Imibiko yakamuva eqhamuka eBelgium iveze ukuthi uTau akekho kwi-Anderlecht u-seEngland lapho eyolungisa amaphepha emvume yokusebenza kwelika-Queen.