Ezemidlalo Ibhola

UNtini uphonsele inselelo uNgidi noRabada

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMAKHAYA Ntini ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokuvalelisa amaProteas ngaphambi kokuyobhekana ne-Australia kowamanqamu we-ICC Test Challenge e-England

Image: BACKPAGEPIX

INKAKHA yamaProteas, uMakhaya Ntini, iphonsele inselelo abashwibi baleli qembu lesizwe, oLungi Ngidi noKagiso Rabada, ngokuyigudluza emlandweni wabaphumelela ukuthola amawikhethi angu-10 eLords njengoba beyodlala khona owamanqamu we-ICC Test Championship ne-Australia.

UNtini onerekhodi lokuba owokuqala emlandweni kwabaseMzansi owathatha amawikhethi angu-10 kwi-test, ubengesinye sezikhulumi eziqavile emcimbini wokuvalelisa leli qembu elizobhekana ne-Australia kowamanqamu weTest Challenge kusukela ngoJuni 15 eLords, e-England.

Ngo-2003 uNtini owayengaziwa wawinisa kalula amaProteas ebhekene ne-England ngesikhathi ethatha amawikhethi angu-10.

Lokhu kwamfaka emlandweni kangangokuba igama lakhe laqoshwa odongeni lapho vele kuhlonishwa khona bonke abake bagila izimanga kule nkundla ethathwa njengekhaya lalo mdlalo.

AmaProteas aya kulo mdlalo wamanqamu ethembele kubashwibi okubalwa kubona uNgidi noRabada. NgokukaNtini, leli yithuba lokuthi oyedwa walaba bashwibi azifake emlandweni ngoba uma lokho kwenzeka, nakanjani isicoco bazobuya naso.

“Njengoba nginibuka nobabili ngibona ithuba lokuzifaka emlandweni ngokuthatha amawikhethi angu-10 okuzokwenza igama loyedwa wenu libhalwe ezindongeni zaseLords,” kusho uNtini ebhekise kuNgidi noRabada kulo mcimbi obuseSandton, eGoli, muva nje.

“Siyangibulala isizungu kuloluya donga ngoba ngingedwa kodwa bafana bakithi nanti ithuba lokuziqophela umlando omusha ngoba sesingawukhohlwa manje owango-2003.

“Uma kukhona ophumelela ukwenza lokho koyedwa wenu, nakanjani sizobuya naso lesi sicoco esibalulekile. Ngaphandle kwabashwibi iqembu libunjwe ngabafana abancane abangenalo utwayi lweminyaka yamaProteas ejika eduze kwezicoco.

“Siyalethemba iqembu ngoba nendlela elizifake ngayu kowamanqamu iyakhombisa ukuthi selikhulile. Kuzoba wumdlalo onzima ngenxa yenkundla iyodwa kanjalo nezitha kodwa angicabangi ukuthi kukhona okungaba yisihibe ukuthi sibuye nalesi sicoco somhlaba."

UNgidi unerekhodi lokufika kuqala kunabo bonke kumawikhethi angu-100 emidlalweni yama-One Day International (ODI) kanti uRabada, osanda kubuya esigwebeni sesidakamizwa, ngomunye wabashwini abaphambili emhlabeni.