OWAYEYISITOBHA esingaconsi phansi kubalandeli be-Orlando Pirates, uSiyabonga "Nsimbi" Sangweni, ubona kuyingcindezi edale ukuthi uThulani "Tyson" Hlatshwayo ashaye udaka, agcine eseshiya kweZimnyama.
UHlatshwayo ufike kweZimnyama ngo-2020, eshisa esuka kwiBidvest Wits futhi engukaputeni weqembu lesizwe iBafana Bafana.
Kwisizini yokuqala ube ngomunye wabathenjwayo emuva, ethatha ijezi nebhande kukaputeni wePirates, uHappy Jele.
Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, uphenduke ikhongco elibuthaka enza amaphutha asobala.
Kwisizini esanda kusongwa, uHlatshwayo ubengasalitholi ijezi, edlala imidlalo engaphansi kuka-15.
"Inzima indaba kaHlatshwayo. Nami bengizitshela ukuthi uzofika angene khaxa esitayeleni sePirates. Engikubonayo ukuthi umthwalo ube ngaphezu kwakhe. Bekulindelwe lukhulu kuye njengoba ebenza kahle kwiWits. Ufike neqembu lisenkingeni yokuhlulwa yizicoco. Okuhle ukuthi ukwazile ukunqoba iMTN 8 nePirates. Uwumdlali wezinga eliphezulu, ngimfisela inhlanhla," kubeka uSangweni.
Uqhube wathi: "Angizenzi ngcono kodwa sinoLucky Lekgwathi nabanye ozakwethu, sashiya isikhala esikhulu, sasiyimbumba. Kunomfana woThongathi (Brian Hlongwa) onakho konke okudingwa iPirates.
“Siyamdinga lo mfana, uyekweleni? Asimthathe, abe eqala ukuba seduze kwabantu abadala abafana noHappy (Jele). Okuhle ngaye ukuthi usukile egabadini. Buka nje manje, ukuthi uNgcobo (Njabulo weKaizer Chiefs) ukuphi, nathi kweZimnyama asibhukule.“
Mayelama neqembu, uSangweni oqale ukuzakhela igama kwiLamontville Golden Arrows, uthe eZimnyama azingene emakethe zizingele izitobha.
"Nginenkinga impela ngodonga lwethu. Esiswini kuya kubagadli, ayikho inkinga kangakho. Mhlawumbe nakhona kubagadli kumele sengeze. Amathuba siyawakha kodwa asiwasebenzisi. Asingashintshi izinto eziningi, iqembu lishoda kancane,“ kusho uSangweni.
Lo makadebona owazakhela negama kwiBafana Bafana, uphinde wabongela iRichards Bay ngokungena kwiDStv Premiership.
Uthe okumjabulisa kakhulu ukuthi intsha yangakubo enyakatho neKwaZulu-Natal, seyizowathola eduze amathuba.
"Ukunyuka kwabafwethu kusijabulisile kakhulu kwisifunda, eKing Cetshwayo. Ngikholwa ukuthi ukunyuka kwabo kuzogqugquzeka nentsha yethu. Njengoba sesineqembu ekhaya, ngeke abafana bethu besaphoqeleka ukuya eThekwini sebezoqala ukufesa ekhaya,“ kusho uSangweni.