USHAYA phansi ngonyawo unozinti weKaizer Chiefs, uDaniel Akpeyi, uthi ngeke leli qembu ligawulwe yizembe yize libhedelwa yizinto kwiDStv Premiership. U-Akpeyi uthe bengabadlali beChiefs sebeyazi ukuthi amanye amaqembu ayazitapela amaphuzu kubona kodwa wathi konke lokho sekuphelile, sebezoshintsha ukwenza.
IChiefs izodlala naMaZulu FC emdlalweni wePremiership namuhla, ngo 3 ntambama eJonsson Kings Park, eThekwini. Abalandeli beziMpofana bathukile njengoba leli qembu lidonsa kanzima.
Empeleni ezikaGavin Hunt zisanqobe umdlalo owodwa vo kweyisishiyagalolunye. Lokhu kuzishovele kunombolo-14 kwi-log yeDStv Premiership, ngamaphuzu ayisikhombisa.
Lesi yisimo esingajwayelekile neze kwiChiefs, kwazise ingelinye lamaqembu ahlonishwayo ngokuqopha izindaba nathathwa njengamakhulu kuleli.
“IChiefs yiqembu elikhulu kabi, ngeke nje sazihlaza ngokuthi sigawulwe yizembe. Yebo, kuyinto elindelekile ukuthi abalandeli bathuke kwazise asijwayele neze ukuba kule ndawo esikuyona engeyinhle. Kodwa ngicabanga ukuthi izinto eziningi sizilungisile manje,” kusho u-Akpeyi.
Selokhu kufike uBenni McCarthy kuMaZulu, leli qembu alikashaywa emidlalweni emibili. Emdlalweni kaMcCarthy wokuqala, uxoshise uLehlohonolo Seema obengumqeqeshi weChippa United emshaya ngo 3-1. Emdlalweni wesibili udlale ngokulingana neBloemfontein Celtic ngo 1-1, ekuhambeni. Kumanje Usuthu lusendaweni yesishiyagalolunye kwi-log, ngamaphuzu ayishumi, emidlalweni eyisishiyagalolunye.
“Sizothatha zonke izinhlungu zethu, nokubhedelwa yizinto sikukhiphele kuMaZulu. Sinabadlali abahlonishwayo esibheke ukuthi basitakule futhi ngokomqondo sisesimeni esihle kakhulu manje. Sekuyisikhathi sokuthi siqale ukujabula manje, sijabulise nabalandeli bethu,” usho kanje u-Akpeyi.
Ngaphandle kokwenza kahle kwiCAF Champions League, kwazise iChiefs isidlulele kweyamaqoqo, akukho okuhle okwenziwe yiChiefs enkundleni selokhu kuqale isizini. U-Akpeyi uthe bengabadlali bahlanganile, baxoxa bazinuka amakhwapha ngezinto ababona ukuthi zibenzela phansi.
“Asineme neze ngokuthi asenzi kahle. Sivumelane ngokuthi kumele sishintshe indlela yokwenza emdlalweni wethu olandelayo. Umdlalo wethu naMaZulu sifuna kube yiwona esishintsha ngawo izinto. Iyathokozisa nendlela abadlali abazinikela ngakhona, kungakho ngingangabazi ukuthi sizozishintsha izinto,” kulandisa u-Akpeyi.
Phakathi kwezinto abalandeli beChiefs abanokukhalaza ngazo, amaphutha esithandwa sikanozinti wakuleli u-Itumeleng Khune awenzile emidlalweni edlule. Ukungagqami kwabadlali abahlonishwayo kuleli qembu okubalwa uKhama Billiat noLebogang Manyama nabanye.
Bakhona nabakhala ngamasu omqeqeshi uHunt, abakholelwa ekutheni awakasebenzi kuze kube manje, yize lo mqeqeshi efike ethwelwe ngeqoma kuMakhosi ngasekuqaleni kwesizini ngenxa yomlando wakhe wokunqoba izicoco. UBilliat oyiqale yonke imidlalo yeChiefs, izolo kuvele ukuthi uzohlala izinyanga ezimbili ngemuva kokulimala kowe-United ngempelasonto. Omunye ozobe engekho namuhla uLeonardo Castro okuthiwe unezinhlungu esiswini.