ABADLALI beqembu lesizwe le-Under 23 abacacise indlela yabo ebheke kwi-Africa Cup of Nations ese-Egypt ngo Novemba

UJABULE wabuya nganeno umqeqeshi weqembu lesizwe lika-Under 23, uDavid Notoane, ezakhe zithela isibhaxu iZimbabwe emlenzeni wokuqala wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Orlando Stadium ngeLwesihlanu.

Abafana bakaNotoane bahlule iZimbabwe ngo 5-0 wamagoli kaLuther Singh amabili, Kobamelo Kodisang, Teboho Mokoena noLyle Foster.

Umlenze wesibili useeZimbabwe ngoLwesibili. Iqembu elizonqoba lizodlulela kwi-Africa Under 23 Cup of Nations ese-Egypt ngoNovemba.

Amaqembu amathathu azoqeda phezulu kwi-Afcon azodlulela kuma-Olympics aseTokyo, eJapan ngonyaka ozayo. Iqembu elizoqeda endaweni yesine lizodlala owokuhlunga neliqhamuka e-Asia. UNotoane uthe nakuba bewine ngembudlu yamagoli kodwa umsebenzi awukapheli.

“Uma ushaya amagoli ayisihlanu ekhaya, uyakujabulela ukuya nalowomphumela kowomlenze wesibili. Kodwa kuwukuhamba phambili nje ngokunethezeka. Ziningi izindaba esizaziyo ezimayelana namaqembu ahambe phambili njengathi.” kusho uNotoane.

Emlenzeni wesibili imilingo iyenzeka. Kufanele sikubheke ukuzitshela ukuthi impi iphelile, sigxilise imiqondo yethu. Lokhu kusinika nethuba lokudlalisa abanye abadlali abebengakalitholi ithuba.Ngijabule ngendlela iqembu eliwuthathe ngayo umdlalo.Kuhlala kunzima uma uhamba phambili ngenqwaba yamagoli emdlalweni ukulawula indlela okuzodlalwa ngayo ugcine umgqigqo eqenjini wenze isiqiniseko sokuthi sidlala ngendlela efanele.”

Indlela iqembu lakuleli elidlale ngayo likhombise ukuvuthwa . Kuhlale obala ukubaluleka kokudlala njalo emaqenjini kwabadlali bamaqembu esizwe.

“Okubalulekile kimina, ngibatshelile abadlali, ukuthi wukubadlulisela kwiBafana Bafana ngokwe-Vision 2022 neNdebe yoMhlaba ka-2026 e-USA. Ngibatshelile ukuthi umnyango uvuliwe ngenxa yezinguquko ezenzeka kwiBafana. Umqeqeshi okhona (Molefi Ntseki) oqale lolu hlelo ubenabo kusukela ku-U/17 futhi iningi labo lidlulele kwi-Under 20 ebengikuyo noThabo Senong. Sekusezandleni zabo ukuthi badudule umnyango bangene. Hhayi ngokwenzelelwa nokuthi ubani wazi bani kodwa ngokwemisebenzi yabo enkundleni. Kufanele bakhombise ukuvuthwa kusemanje,”kusho uNotoane.

EzikaNotoane yizona eseziyithemba laseMzansi njengoba iBanyana Banyana iphoxile ihlulwa iBotswana.

Umqeqeshi weZimbabwe, uTonderai Ndiraya, uthe nakuba ikhona imilingo ebholeni kodwa ubona sekuphelile ngabo.

“Sizenzele phansi thina. Senze amaphutha kwamanye amagoli asingenele. Cishe kwamathathu. Uma wenza lokho ebholeni uzidalela inkinga. INingizimu Afrika kade ibukhali kakhulu phambili, thina kade sibuthuntu.Asizange silikhahlelele nhlobo ipali.Sishaye udaka.Ithemba libalulekile empilweni kodwa * 5-0 uzoba nzima kithina. Kodwa lisekhona ithemba. Sizibonile izimo ezinjena ebholeni emhlabeni,”kusho uNdiraya.

Elakuleli ligcine ukudlala kuma-Olympics eRio de Janeiro, eBrazil ngo 2016.

Imiphumela yeMultichoice Diski Challenge yayizolo. Highlands Park 1-0 Orlando Pirates; Golden Arrows 2-1 Maritzburg United.