UZOYIGWEMA imihlambi ehamba izindlela zobumnyama umdlali wasesiswini, uLuyolo "Mayano" Nomandela, onikwe yiChippa United ithuba lesibili lokudlala kwiDStv Premiership kukade sekuthiwa kuphelile ngaye ebholeni.
UNomandela (31), owazakhela igama eminyakeni edlule egijima kwiFree State Stars, usayine inkontileka yeminyaka emibili neChilli Boys. Uhlale iminyaka kwiMamelodi Sundowns kodwa wehluleka ukuthola indawo esikimini ngaphansi kukaPitso Mosimane. Ngo-2016 uhlukane neSundowns, wajoyina iCape Town City kodwa yamchitha ngonyaka olandelayo.
Ugcine esehlela kwi-ABC Motsepe League lapho eyibambe khona kwiBaberwa yaseGauteng. IChippa imthole esedlala kwiBCM Stars yase-East London edlala kwi-ABC Motsepe League wase-Eastern Cape eqeqeshwa nguWilliam Mugeyi noTshepo Motsoeneng osanda kuxoshwa yiBizana Pondo Chiefs kwiGladAfrica Championship. Ngesikhathi ekwiSundowns uNomandela kuvele imibiko yokuthi uyazifela ngenjabulo nempilo yasebusuku okuyikhona okugcine kumcekela phansi.
"Bengikholwa ukuthi ngizobuyela kwiPSL kodwa bekudingeka ngizilungise mina. Ngesikhathi ngifika kwiPSL okokuqala ngamangaza abaningi, ngangena kwiBafana Bafana. Njengoba ngibuyile manje ngijabule kodwa injabulo ayisafani nakuqala. Sengiyakwazi ukuyilawula," kusho uNomandela.
"Izinto ezingibulele engizenze ngaphandle kwenkundla. Ngazifaka emihlambini engalungile. Abantu bebeza kimina bezenza amadayimane, ngingaboni ukuthi abalungile. Manje sengiyakwazi ukubona. Ngizokwazi ukukhetha abantu engizihlanganisa nabo. Bengihamba nabantu ngikhohlwe wukuthi umzimba wami yiwona engenza ngawo imali. Ngijabule kakhulu ngethuba lokubuyela kwiPremiership. Ngibonga usihlalo (uChippa Mpengesi) ngokwethembela kimina nabaqeqeshi beBCM Stars ngokungigqugquzela. Baningi abadlali abafisayo ukubuyela kwiPSL kodwa akwenzeki."
UNomandela unomthwalo wokutakula iChippa esengozini yezembe kwiPremiership. IChilli Boys, isendaweni ka-14 kwi-log ngamaphuzu angu-17 emuva kwemidlalo engu-21.
Ngempelasonto edlule ibhaxatshulwe yiMaritburg United ngo 5-1 nokuholele ekutheni kuxoshwe obengumqeqeshi uDan Malesela. Izintambo zibanjwe uSiyabulela Gwambi. Kuthiwe uLuc Eymael uzoba umluleki wethimba labaqeqeshi. I-United iveze ukuthi ilinde iSafa icacise ngokusebenza kwakhe kuleli kwazise phambili yavinjwa ukumqasha ngoba lo mqeqeshi obhekene nezinsolo zokucwasa ngokwebala.
IChilli Boyz zobhekana neSundowns emdlalweni weligi ngoMsombuluko eSisa Dukashe Stadium, e-East London.
"Okokuqala engikufunayo wukusiza iqembu lisuke endaweni elikuyo kwi-log. Ngeke ngizifake ingcindezi ngithi ngizokwenza imilingo kodwa ngizokwengeza kulokhu iqembu elinakho. Sisalelwe yimidlalo eyisishiyagalolunye. Kuzoba wumdlalo onzima neSundowns ngoba yenza kahle kule sizini. Kufanele siyihloniphe kodwa silwele amaphuzu ngokulandela imiyalelo yomqeqeshi," kusho uNomandela.