XOLILE MPISANE
ANGASE azithole esegijima koshampeni bezwekazi lase-Afrika umdlali weKaizer Chiefs, uNkosingiphile Ngcobo, njengoba sekuvele imibiko yokuthi ufunwa yi-Al Ahly yase-Egypt.
Leli qembu belimataniswa nabadlali uGaston Sirino weMamelodi Sundowns noThembinkosi Lorch weOrlando Pirates.
Umqeqeshi we-Al Ahly, uPitso Mosimane, usanda kuziqhelelanisa namahebezi okuthi ufuna ukusayinisa laba badlali kodwa wakuveza ukuthi ukhona omunye wakuleli amfunayo.
Ngokwe-website yase-Egypt, iKingFut, omunye wabahlonishwayo kwabake bagijima kwi-Ahly, u-Ahmed Shobier, udalule ukuthi lowo mdlali wuNgcobo.
"Umdlali waseNingizimu Afrika akhuluma ngaye uMosimane uNgcobo, ogijima ophikweni kwiKaizer Chiefs. Akusiye yedwa umdlali i-Al Ahly exoxisana naye," kusho uShobier.
UNgcobo (21) uqhamuka kwinkulisa yeChiefs kanti ubambe iqhaza elikhulu kule sizini edlule Amakhosi eqeda endaweni yesishiyagalombili kwiDStv Premiership, angena nakowamanqamu kwi-Caf Champions League.
Uphinde waba yingxenye yeqembu lakuleli ebelidlala kumaTokyo Olympics.
UVina Maphosa okhulumela iChiefs uthe usazobuza ngalolu daba.