Thathe Msimango
UNEPHUPHO lokugijima kuma-Olympic ango-2021 eJapan, uNotha Ngcobo odlalela iReal Kings obuya ekulimaleni okumhlalise izinyanga engalithinti ibhola.
Isiqongqwane sasemuva sijoyine iKings, edlala kwiGladAfrica Championship, ngonyaka odlule sisuka kwiMamelodi Sundowns.
UNgcobo (21) usalelwe wunyaka owodwa kwinkontileka yakhe njengoba wayesayine eyeminyaka emibili. Udlale imidlalo emine kuphela ngesizini edlule ngenxa yokulimala. Wayemdibi munye neqembu leSundowns elathatha iDiski Multi Choice Challenge ngo-2018 liqeqeshwa nguDavid Notoane.
Wadonseka umsipha wetsweba iKings idlala neRichards Bay ngo-Okthoba odlule. Usehlale izinyanga eziwu-11 elulama.
Ngempelasonto uthe usekulangazelele ukubuyela enkundleni futhi kuyamjabulisa ukuthi iqembu lakhe belimeseka ngaso sonke isikhathi engadlali.
“Sengikukhumbule kakhulu ukubuyela enkundleni. Bengingakulindele ukuhlala isikhathi eside kangaka ngenxa yokulimala. Bengijwayele ukulimala ngesikhathi ngisagijima kwiSundowns kodwa bekuba yisikhathi esincane. Ukulimala kunginike isikhathi sokuthi ngikhule ngokomqondo futhi ngibona ngizoba nesizini enhle. Okubalulekile wukuthi ngingatatazeli ukuze ngingadlali ngingapholile kahle,” kusho uNgcobo.
Wayekhona esikwatini seqembu lesizwe lika-Under 20 eladlala kwi-Afcon Under 20 Championship ngo-2018 eZambia liqeqeshwa nguThabo Senongo. Amajita aguqiswa yiZambia kwifayineli. Uthe iphupho lakhe elikhulu wukudlala kuma-Olympics abuye asize iKings ilwele ukukhuphukela esigabeni esiphezulu sePremier Soccer League.
Iqembu lika-Under 23 eliqeqeshwa uNotoane selivele lizibekisele indawo kuma-Olympic obekumele abe kulo nyaka kodwa ahlehleliselwa * -2021 ngenxa yeCovid-19.
“Njengoba ngike ngamela izwe lami phambilini okubalulekile wukuba ngiphinde ngisebenze kanzima ukuthola indawo futhi. Kuyisifiso sami ukugijima kuma-Olympic. Okunye okusemqoka wukubona iqembu lami ligijima esigabeni esiphezulu,” kusho uNgcobo.
UNgcobo, odabuka eHarding, useke wazama inhlanhla kwi Anderlecht FC yase Belgium ngo-2018. I-Anderlecht igijinyelwa isilomo uPercy Tau.