OWAYENGUMGADLI weSwallows, uLungisani Ndlela, ubona leli qembu lizowushisisa umbango wesicoco seDStv Premiership uma liqhubeka nomgqigqo elibuye ngawo kulesi sigaba.
ISwallows, ewine iligi yeGladafrica Championship ngesizini edlule, ibambene neMamelodi Sundowns esicongweni sePremiership ngamaphuzu awu-21. Ayikahlulwa emidlalweni eyisishiyagalolunye esiyidlalile esigabeni esikhulu.
UNdlela, owayengaconsi phansi kubalandeli beZinyoni ngenxa yokuqhulula kwakhe amagoli, ubona zizoba yingozi kule sizini.
“Ngijabule kakhulu ngendlela abadlala ngayo. Okungijabulisa kakhulu wukuthi iqembu alibadilizanga abadlali abalinyusele kwiPremiership njengoba amaqembu amaningi ehlala enza. Nomqeqeshi okhona (Brandon Truter) uyafika kwiPremiership. Ukuthi iqembu alikahlulwa kusho ukuthi kukhona okuhle abakwenzayo,” kusho uNdlela.
“Ngiyakholwa wukuthi bazobalwa embangweni wesicoco seligi uma nje bengaqhubeka nomgqigqo abakuwona. Okudingekayo wukuthi kube nabadlali abaningi abasezingeni, abazokwazi ukuvala izikhala zabadlalayo okwamanje uma belimele. Ngaleyo ndlela iqembu lizohlala liphezulu”
UNdlela usakhumbula sengathi bekuyizolo eqhulula amagoli kwiSwallows nangesikhathi bewina indebe ye-Absa Cup ngaphansi komqeqeshi uGavin Hunt. Udlale ihlandla lokudlala kwiSwallows phakathi kuka-2003 no-2004, wabuya ngesizini ka-2009/2010. UNdlela, odlale nakwiSuperSport United nakwiSundowns, usengujele eWitbank, eMpumalanga.
Uveze ukuthi ngeSonto iSwallows izoyidinga "imishudo yasejele" ukuvimba i-Orlando Pirates. La maqembu azotholana phezulu emdlalweni womkhaya baseSoweto ozoqala ngo-3.30 ntambama e-Orlando Stadium, eSoweto. Umdlalo weSwallows nePirates uthathwa njengowomkhaya baseSoweto omdala kwazise womabili la maqembu asungulwa kuleli lokishi lodumo, aqala ukuwudlala ingakafiki iKaizer Chiefs.
“Bangayihlula iPirates uma beqhubeka nokudlala ngale ndlela. IPirates iyiqembu elikhulu kodwa ayidlali kahle. Angingabazi ukuthi ukudlala nePirates kuzobagqugquzela abadlali ngoba yisona isikhathi sokuziveza. Badinga ukuzimisela nje babhekane nakho konke okuzolethwa yiPirates. Nakuba iPirates idinga amaphuzu futhi inabadlali abahle kodwa iSwallows ingaphuma namaphuzu agcwele ngenxa yokuhlangana kwayo futhi kuyabonakala ukuthi umoya wobumbano uphezulu eqenjini,” kusho uNdlela.
ISwallows izofika emdlalweni ibuya koshubile ehlule kuwona iCape Town City ngo 3-2 maphakathi neSonto. IPirates esendaweni yesihlanu kwi-log ngamaphuzu awu-13, igcine ukudlala ngempelasonto edlule, yehlulwa iSundowns ngo 1-0.