SISHAYELWA ihlombe elihambisana nezeluleko isenzo samaqembu ePremier Soccer League (PSL) sokwamukela inselelo emkhubeni omusha ebholeni emhlabeni wokuqasha abaqeqeshi abasebancane njengezinhloko zabaqeqeshi.
Ingwevu kwezokuqeqesha enguKenny Ndlazi ngomunye wabantu abakushayela ihlombe lokhu kodwa elayo ihlombe lihamba nesiluleko.
UNdlazi, igama lakhe elihlezi livela ethimbeni elaliholwa nguShakes Mashaba kukhona noThabo Dladla behlula iBrazil kuma-2000 Olympics eSydney, uthe kunezinto ezintathu amaqembu okumele azenze uma eqasha laba baqeqeshi.
“Okokuqala nje wukubabongela abafana ngokunikwa le misebenzi emaqenjini amakhulu nethuba ngokunjalo lokuhola ibhentshi.
“Ngibongele nabafana bami ebesinabo kuma-Olympics ngo-2000 ngokukhombisa ukukhula njengoBenni (McCarthy) noQuinton Fortune osanda kuqashwa njengomqeqeshi weReading nabanye.
“Buka nje umsebenzi omuhle ubabekephi * -Arthur Zwane noDillon Sheppard. Siyababongela kakhulu,” kusho uNdlazi.
Inkulumo yakhe kodwa ibe isibheka ngasemaqenjini.
“Afanelwe wukushayelwa ihlombe amaqembu kodwa futhi kufanele aqaphele ukuthi uma uqashe umuntu ongakabinawo amava kangako, kuzodingeka abathile abanamava eduze kwakhe abazomeluleka.
“Lowo muntu onamava kungaba uqashelwa kwesenhloko yamaqhinga noma umeluleki, njalonjalo.
“Okwesibili, kufanele badedelwe laba baqeqeshi babe nombono noma bazikhombele abadlali abakholwa wukuthi bazobayisa phambili.
Ukwenza isibonelo nje, uma ufelwe yimoto uqasha umakhenikha, ngabe nguwe omtshelayo ngezinto ezilimele emotweni noma kusho yena ukuthi idingani ngenxa yokuthi ilimele kuphi?
“Okwesithathu, akubhekisiwe emaqenjini ikakhulu kodwa kubheke kubona abaqeqeshi ngqo, kumele babeke phansi imimoya bafunde ukubekezelela abadlali babo.
“Uma ungumqeqeshi usuke ufana nobaba kubadlali ngakho kumele uzame ukuthi ungaqhudelani nabo ngezimoto, ngezimpahla zokugqoka eziyizitayela abazithandayo ngisho nezitayela zasekhanda imbala,” kusho uNdlazi.
Ebuzwa uNdlazi ukuthi uma ethi abaqeqeshi abasebancane abasingathwe ngasebemnkantshubomvu, akusikho yini ukuthi uyazifesela, uthe:
“Ngingumqeqeshi mina, akukho okunye. Uma ngizoba yingxenye yokuqeqesha, ngingasebenza ngisho esikoleni, ngingaba nangumsizi womqeqeshi osemncane.
“Njengamanje akukho la ngiqeqesha khona kodwa ngiyalandelela futhi ngiya njalo nasemajimini amaqembu amaningi. Ngiyazi ibhola liyashintsha.
“Ngingajabula kakhulu ukuthola umsebenzi ngoba iCorona ingiphazamisile, ngoMashi kade sengithole omunye kwiBombay City e-India nakwiSimba Young Lions eTanzania.
“Sekuyingozi kodwa manje ukuya kule misebenzi, ngakho kumele ngithole omunye lapha ekhaya. Kuningi engisangakwenzela ibhola laseNingizimu Afrika.”