Emasontweni edlule uNcikazi wacashunwa ethi iMamelodi Sundowns ithenga abadlali kwaWoolworths bese kuthi bona bathenge kwaPick n Pay nakwaSpar, nokwenza leli qembu lasePitoli lizitamuzele izicoco, ikakhulukazi kwiDStv Premiership eseliyinqobe kahlanu kulandelana.
Lo mqeqeshi oseke wapheka iLamontville Golden Arrows wayebuzwe ukuthi yini abona ukuthi yenza igebe libe likhulu phakathi kweSundowns, nawo wonke amanye amaqembu ePremier Soccer League (PSL).
Akwehlanga kahle lokhu kubalandeli bePirates abebemtinyela ezinkundleni zokuxhumana bemsola ngokukhuluma ngendlela enobudedengu.
URhulani Mokwena ongomunye wabaqeqeshi beSundowns, uyena kuphela esigabeni esikhulu sePremier Soccer League (PSL) umqeqeshi ophawulile emuva kwenkulumo kaNcikazi ngemuva kokubuzwa ngayo.
Ekuxoliseni kwakhe, uNcikazi, uzwakale ephinde egadla kulowo “owaphawula” yize engazange ambize ngegama.
“Ngithanda ukuxolisa kubalandeli bePirates ngenkulumo yami yakaWoolworths nakwaPick n Pay ngoba izwakale ngendlela okungeyona ebengiyiqondile,” kusho uNcikazi kwiSportON kwiSA FM.
“Ngizwile ukuthi ukhona osephawulile ngalokhu engikushilo kodwa ngeke ngigxile kangako kuyena ngoba vele lowo muntu unenkinga nami kanjalo nePirates.
“Ngiqoma ukunganabi kakhulu ngenhloso yokugwema ukwenza omunye umonakalo ikakhulukazi njengoba sekukhona ababone kufanele baphendule.
“Lo ophendulile vele akangifuni mina uqobo nePirates uzizwa ngendlela efanayo ngayo,” kusho uNcikazi ngaphandle kokubiza igama lomuntu akhuluma ngaye.
IPirates izokwamukela i-Al Ahly Tripoli yaseLibya kowomlenze wesibili kowandulela owamanqamu weCaf Confederation Cup ngeSonto ngo-6 ntambama, e-Orlando Stadium, eSoweto. Ihamba phambili kuwona ngo 2-0 ngemuva kokunqoba umlenze wokuqala ekuhambeni ngempelasonto edlule.