SIBUSISO MDLALOSE
UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uMandla Ncikazi, uthi ngeke ayizele ngobuso iKaizer Chiefs edonsa kanzima azodlala nayo ngaphansi kochungechunge lwemidlalo yeDStv Premiership.
IGolden Arrows izotholana phezulu neChiefs emdlalweni ngoMgqibelo, eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngo-3.30 ntambama.
Njengoba kubheda uhlelo eZimpofaneni ezisaqoqe amaphuzu amane emidlalweni emithathu yeligi, Abafana Bes’thende bona sebeqoqe amahlanu emidlalweni elinganayo yeligi.
Ngaphandle kokungayiqali kahle isizini yePremiership, iZimpofana zisazithoba imivimbo emva kokuthelwa induku kabili yizimbangi zayo i-Orlando Pirates ngo 3-0 nango 2-0 emilenzeni emibili yeMTN 8.
I-Arrows esanqobe umdlalo owodwa ngokuxebula iSupersport United ngo 3-1, yadlala ngokulingana kwemibili ibambana ngo 1-1 neBloemfontein Celtic neBaroka FC ngokwehlukana, izoya kulo mdlalo izinga layo lokuzethemba liphezulu.
“Akukho nhlekelele kwiChiefs. Lokhu okwenzekayo kuyona yinto evamile ukwenzeka uma kune zinguquko eqenjini (kubaqeqeshi).
"Kuzolunga ngokuhamba kwesikhathi. Ngakho-ke ngeke sithi ngoba iChiefs ikulesi simo ekuso njengamanje bese umuntu eyithatha kancane, azitshele ukuthi kuzoba lula nje ukuyishaya.
“IChiefs iseyile Chiefs enabadlali abasezingeni eliphezulu kusukela emuva kuya phambili. Ngikhuluma ngo-Akpeyi (Daniel) ongunozinti wokuqina eqenjini lesizwe laseNigeria, uKhune ongunozinti eqenjni lesizwe iBafana Bafana, uManyama (Lebogang) noBacus (Kearyn) abadlala eqenjini lesizwe, uCastro (Leonardo) noNurkovic (Samir).
“Wona siyawadinga amaphuzu kulo mdlalo esiyowudlala nayo. Futhi ngeke siyizwele uma sesidlala nayo. Kodwa khona lapho ngeke nangephutha siyithathe kancane,” kusho uNcikazi.
Mayelana nahlose ukukufeza kule sizini yakhe yokuqala ehlezi esigqikini sokuqeqesha elekelelwa nguMabhuti Khenyeza, uthe ufuna ukubona ezakhe zenza kahle kule sizini.
“Noma umphathi weqembu uSis' Mato (Madlala) engasho ngomlomo wakhe kodwa ngiyazi ukuthi ekujuleni kwenhliziyo yakhe uyafuna ukubona iqembu lakhe lenza kahle.
"Uyisikhulu esiphezulu kwiPSL, ngakho ngeke athande ukubona iqembu lakhe libangwa nezibi.
Uqhube wathi naye (uNcikazi) uyazifaka ingcindezi ukuze izinto zihambe kahle.
“Okokuqala, iqembu kufanele lihlale kwiPremiership, okwesibili ngifuna ukulibona liqeda kwiTop 8, okwesithathu ngifuna ukulibona linqoba isicoco ngisho neseligi imbala uma kwenzeka. Noma siyiqembu elincane kodwa nathi singakwazi ukukwenza lokho uma sizimisele njengoba neLeicester City yakwazi ukukwenza (inqoba isicoco se-English Premier League),”kubeka uNcikazi.
Esephetha uthe: “Siyayisebenzela inhlanhla yethu ngoba vele inhlanhla uyayidinga ebholeni. Nami-ke ngikholwa wukuthi nesikhathi esengisihlalile eqenjini siyangisebenzela, nakho futhi ukuhlonipha abadlali okwenza nabo bangihloniphe.”
Imidlalo yeDStv Premiershihp:
NgoMgqibelo: Golden Arrows v Kiazer Chief ;( Sugar Ray Xulu Stadium3.30pm), Stellenbosch v Chippa United; ( Danie Craven Stadium 3.30pm), Black Leopards v Marizburg United; (Thohoyandou Stadium 3.30pm), Orlando Pirates v SuperSport United; ( Orlando Stadium 6.00pm), Swallows v TS Galaxy ; ( Volkswagen Dobsonville Stadium 8.15pm).
NgeSonto: Tshakuma v Baroka (Thohoyandou Stadium 3,.30pm), Mamelodi Sundowns v AmaZulu; (Loftus Versfeld Stadium 3.30pm), CapeTown City v Bloemfontein Celtic; (CapeTown Stadium 3.30pm).