UHLABEKE umxhwele umqeqeshi we-Orlando Pirates osabambile, uMandla Ncikazi, ngemuva kokuba ezakhe zibambane ngo 0-0 neDiables Noirs yaseCongo-Brazzaville, koweCaf Confederation Cup ebeziwudlalela ekuhambeni eStade Alphonse Massamba-Debat, eBrazzaville, ngoLwesihlanu. Isithombe: Sydney Mahlangu/BackapagePix
UHLABEKE umxhwele umqeqeshi we-Orlando Pirates osabambile, uMandla Ncikazi, ngemuva kokuba ezakhe zibambane ngo 0-0 neDiables Noirs yaseCongo-Brazzaville, koweCaf Confederation Cup ebeziwudlalela ekuhambeni eStade Alphonse Massamba-Debat, eBrazzaville, ngoLwesihlanu.
Ekhuluma ngemuva kwalo mdlalo, uNcikazi uthe wenelisekile ngomphumela otholwe ngezakhe ngemuva komdlalo onzima wasekuhambeni.
“Uma ubheka izimo ebesidlala ngaphansi kwazo eCongo Brazzaville, ukubuya kwethu nephuzu esimeni esinjengalesiya kusho lukhulu kithina,” kusho uNcikazi.
“Indlela abadlali bethu abadlale ngayo, phezu kwezimo zenkundla nangendlela izimbangi ebesidlala nazo ebizisidlalisa (kabi) ngayo enkundleni kufanele ngikuncome ukuzimisela nokuzinikela kwabadlali bethu.
“Siyalithatha leli phuzu, kodwa siyazi ukuthi asikawuqedi umsebenzi, ngoba khumbula uma bengashaya igoli ekuhambeni uma sebedlala nathi ekhaya, lokho kungaba yinkinga.
Kodwa ngiyacabanga sizokwazi ukubahlula uma sesidlala ekhaya. Ngijabule ngendlela abadlali bethu abadlale ngayo nabakhombise ngayo ukuzinikela,” kuqhuba uNcikazi.
Kulo mdlalo kubonakala uKwanda Mngonyama okokuqala edlube ijezi leZimnyama, futhi washaya into ecokeme ngomdlalo wakhe wokuqala eboshelwe esikimini salezi zingqungqulu zaseSoweto.
IBucs izodudulana neDiables Noirs e-Orlando Stadium, eSoweto, kowomlemze wesibili ngo-Okthoba 24.