UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uMandla Ncikazi, uthi ukube bezibavuna ezinye zezinqumo zikanompempe bebhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni weDStv Premiership, ngabe bakhale bemuka namaphuzu amathathu kulo mdlalo ophele ngo 1-1, eSugar Ray Xulu Stadium ngempelasonto.
ISundowns inqobe izicoco ezintathu ngesizini edlule, okubalwa kuzona eseligi, Telkom Knockout neseNedbank Cup. Ubungaphika kodwa kulo mdlalo ne-Arrows ukuthi iSundowns inqobe lezi zicoco, ngendlela Abafana Bes'thende "abebeyibhema" ngakhona.
Amagoli kulo mdlalo avalelwe phakathi uMothobi Mvala eleSundowns, noMichael Gumede olinganisele i-Arrows ngesiwombe sokuqala. Kunamahlandla amabili kulo mdlalo, lapho khona i-Arrows bekufanele ithole khona amaphenathi kodwa unompempe, uJelly Chavani, wangayingena.
UNcikazi ukholelwa ekutheni baphikwe yinhlanhla kulo mdlalo njengoba bekwenze konke ngendlela.
"Kunezinqumo obekumele ziwele ngakuthina kodwa kwangenzeka. Nokho angifuni ukugxila kulokho, kungcono ngikhulume ngengingakwazi ukukulungisa okwasenkundleni. Sibe nomdlalo sibhekene neqembu elinqobe izicoco ezintathu ngesizini edlule. Ngiyaziqhenya kakhulu ngabafana bethu, yize nje ngikholelwa ekutheni besingawathola ephelele amaphuzu kulo mdlalo," kusho uNcikazi.
Noma kade ewafuna ephelele amaphuzu uNcikazi kodwa kuzomjabulisa ukuthi ezakhe azikashaywa kuze kube manje kwiDStv Premiership. Abafana Bes'thende basendaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu awu-12, emidlalweni eyisishiyagalombili.
"ISundows inabadlali abaningi, akusho lutho ukuthi baqoke ukudlalisa baphi ngalolo suku. Noma ngabe bafake uMargeman (Grant) owayengukaputeni we-Ajax Cape Town. Noma ngabe bafake uMvala (Mothobi), owayengukaputeni weHighlands Park bazodlala into efanayo. Noma ngabe badlalisa uMkhuma (Promise), naye wayengukaputeni weqembu labo kwiMultiChoice Diski Challenge. Sizolamukela iphuzu esilitholile, sizokwakhela kulona ngonyaka ozayo," kulandisa uNcikazi.
Kubukeka sengathi kubuye isitayela esidala se-Arrows ngendlela ezikaNcikazi ezivutha zingabaselwe ngakho. uVelemseni Ndwandwe, Pule Mmodi, Ntsako Makhubela noNduduzo Sibiya babonakala besazowathwesa kanzima amaqembu amaningi kwiDStv Premiership.
"Asisishintshanga isikimu sethu kangako kulesi esehlule AmaZulu. Sikwenze lokhu ngoba sibathemba abafana bethu ngendlela enhle abadlala ngayo kulo mdlalo, ngakho besingekho isidingo sokushintsha," kusho uNcikazi.
Ngonyaka ozayo i-Arrows izovula neBlack Leopards eSugar Ray Xulu Stadium ngoJanuwari 5.