UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uMandla Ncikazi, ukushayela ihlombe ukuqashwa kwephini lomqeqeshi leqembu uMabhudi Khenyeza ofike ngasekuqaleni kwesizini.
Ngokusho kukaNcikazi, uKhenyeza ubonakala ezoyiqeda inkinga ebiyenzela phansi iqembu kumasizini edlule.
UNcikazi uthe ezakhe bezakha inqwaba yamathuba kodwa abagadli behluleka ukushaya igoli. Ukufika kukaKhenyeza kulisiza kakhulu iqembu ngokulekelela abagadli bakhe ngokushaya amagoli.
Emidlalweni emithathu edlalwe Abafana Bes’thende selokhu kuqale isizini kwiDStv Premiership, sebevalele phakathi amagoli amahlanu, bangenelwa amathathu.
Kuze kube manje ezikaNcikazi aziyazi induku. UNcikazi uqale wacacisa ngokufika kukaKhenyeza kwezakhe esuka kwiTS Galaxy.
“Empeleni uMabhudi wayezojoyina iqembu kusekhona uSteve (Komphela). Kwasuke kwenzeka-ke ukuthi uSteve ahambe, bese kufika uMabhudi.
“Ngamanye amazwi akubanga wukuthi uKhenyeza uvala isikhala sikaKomphela, wayevele ezolijoyina iqembu.
“UMabhudi wayezojoyina iqembu ezoqeqesha i-Arrows kwi-MDC,” kusho uNcikazi.
Ukusebenza ngokuthembana nokuhloniphana yinto uNcikazi athe uyibeka phambili kwezakhe.
“Yingakho ethi ngeke esamdedela uKhenyeza ukuba aqeqeshe iqembu le-MDC le-Arrows.
“Sisazobheka umqeqeshi ozoqeqesha i-Arrows kwi-MDC ngoba ngiyakuthokozela ukusebenza noKhenyeza eqenjini elikhulu.
“Angiqali ukusebenza naye, sike sasebenza esengumdlali phambilini.
“Unomlando omude nebhola. Uzobasiza kakhulu abadlali abasakhula ngenxa yamava anawo,” kusho uNcikazi.
Eqhubeka echaza uNcikazi, uveze okumenza ajabulele ukufika kukaKhenyeza kwezakhe.
“Inkinga ebesibhekene nayo kumasizini edlule indlala yamagoli. Njengamanje ubasiza kakhulu abagadli bethu, uyabakhombisa okumele bekwenze uma bephambi kwamapali. Ngibona sisayibambe kahle impela.”
Emdlalweni olandelayo we-Arrows izokwamukela iKaizer Chiefs eSugar Ray Xulu Stadium ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
Amakhosi asephenduke ukudla kwenduku selokhu kuqale isizini. Empeleni awakalishayi nelilodwa igoli kwiPremiership ngaphandle komkhonto owagwaza ekhaya bebhekene neChippa United abanqoba kuyona ngo 1-0.
“UNcikazi uthe ulindele umdlalo onzima kwiChiefs, esho nokusho ukuthi abazoyithatha neze kancane ngoba ingabaphoxa ivuke ngabo.
“Lo mqeqeshi uphinde wacacisa ngezinto afisa ukuzizuza njengomqeshi waBafana Bes’thende.
“Okubalulekile wukuthi iqembu lihlale kwiPremiership. Okwesibili wukuthi lingene kwiTop 8.
“Umnikazi weqembu (Mato Madlala) uyisikhulu esiphezulu kwiPSL, ngakho akumele nakancane siphoxe, kumele konke kuhambisane.
“Indlela umnikazi weqembu aseseka ngayo iyamangalisa, ngakho nasenkundleni kumele senze kahle,” kusho uNcikazi.