KUKHULU ukuzethemba kumqeqeshi we-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi ngokuthi bazokwazi ukwesula izinyembezi zabalandeli ngokuwina iCaf Confederation Cup ngoLwesihlanu.
IPirates izobhekana neRSB Berkane yaseMorocco kowamanqamu, ozoba seGodswill Akpabio International Stadium, e-Uyo, eNigeria. Idlulele kowamanqamu ngemuva kokwehlula i-AL Ahly Tripoli yaseLibya. EZimnyama zikhale ngaphansi ngo 1-0 emlenzeni wasekhaya ngeSonto ebusuku ngemuva kokunqoba umlenze wasekuhambeni ngo 2-0 okwenze zagcina zinqobe owandulela owamanqamu ngo 2-1.
IBerkane, eyawina iConfederation Cup ngo-2019, iphendukele esiswini njengotshwala iTP Mazembe yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) yagcina inqobe ngo 4-2.
EZimnyama sezithembele kwiConfederation ukuze kuphele isizini ka-2021/2022 kukhona ezikuphethe esandleni kwazise nakwiligi akuzihambelanga kahle.
"Asibanga nesizini enhle, iqiniso yilelo. Lokhu (ukufinyelela kowamanqamu) kuyinkomba yokuthi iqembu likhona futhi liphelele ngakho konke okuyinto ebengilokhu ngikholelwa kukhona. Abalandeli kufanele bakholwe wukuthi iPirates eseyake yakwenza, isengakwenza futhi. Ngokwami abalandeli bazobona ukuthi nakuba singabanga nesizini enhle kwiligi kodwa sisekhona kwiCaf. Bekubalulekile ukudlulela kowamanqamu futhi ngifisa siwine ekugcineni. Kufanele siye eNigeria siyokulwela lokho,“ kusho uNcikazi.
Uthe ukunqoba indebe kuzokhombisa ukuthi iPirates iyiqembu elidla izicoco.
"Ukuwina indebe kuzobaluleke kakhulu. IPirates iyiqembu lezindebe, okuyinto engihlala ngiyisho. Abalandeli bePirates bayazi ukuthi kunjani ukuwina. Sebake bakuzwa ukuwina izindebe. Ngakho kubalulekile ukuwina kimina nokuwinela bona. Ngigxile kokuphambi kwami. Ngizama ukusiza abadlali ikakhulukazi abalandeli ukuze sibakhiphe osizini esibafake kulona kuyona yonke isizini," kuqhuba uNcikazi.
IPirates yayigcina ngo-1995 impumelelo kwiCaf ngesikhathi iqukula iChampions League. Emuva kwalokho ihluleke izikhawu ezimbili isifike kowamanqamu. Ngo-2013 yehlulwe kowamanqamu weChampions League. Ngo-2015 ikhale ngaphansi sekuthenjiwe kowamanqamu weConfederation.
Ngengoba isizini yeDStv Premiership isisongwa, uNcikazi noFadlu Davids banengcindezi yokubekisela iPirates indawo emqhudelwaneni weCaf ngesizini ezayo. EZimnyama zisele kwiligi ngemidlalo emithathu kwamanye amaqembu okudalwe wukuhamba ibanga elide kwiConfederation. Ziyoze zisonge isizini yeligi ngenyanga ezayo. Uma ziyiphakamisa indebe yeConfederation Cup, zizowudlala umqhudelwano ngesizini ezayo njengompetha.
"Ingcindezi yinto yakhona ebholeni. Umqeqeshi weqembu elisemsileni we-log unengcindezi. Nakumqeqeshi weqembu eliphezulu kunjalo. Sinikezwe imigomo ephezulu ekuqaleni kwesizini. Umbuzo uthi wuyakwazi yini ukugcina leyo migomo. Uma ungakwazi kusho ukuthi usendaweni ongafanele ukuba kuyona. Siyayazi imigomo esinikwe yona lapha futhi asiyigcinanga ngokweligi kodwa ngokweCaf sisabheke khona," kusho uNcikazi.