XOLILE MPISANE
UBONGA uyanconcoza umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uMandla Ncikazi, njengoba leli qembu liqophe umlando liqeda endaweni yesine kwiDStv Premiership ka-2020/21 esongwe ngoMgqibelo.
Abafana Bes’thende badlale ngokulingana ngo-0-0 neStellenbosch FC eSugar Ray Xulu Stadium, baqeda isizini namaphuzu awu-47. Ngesizini edlule baphelela endaweni yesi-12 namaphuzu awu-34.
“Umdlalo wokugcina neStellenbosch ubunzima kakhulu. Izitayela zethu zokudlala bezishayisana. Thina besilibamba ibhola futhi sizama ukushaya amagoli kodwa bekusobala ukuthi bona bebezele iphuzu. Bebezihlalele emuva bese bezama ukusizuma ngejubane, uma bethola ibhola,” kusho uNcikazi.
“Bekulukhuni ukudiliza udonga abalwakhe emuva. Sizamile ukubahlasela ezinhlangothini, sazama nokudlala ibhola eliphezulu kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Ngingasho kodwa ukuthi sidlale kahle yize noma sigcine sihlulekile ukuthola igoli. Ngiyaziqhenya ngabadlali nangendlela abazinikele ngayo. Besinabadlali abawu-13 kuphela abebekulungele ukudlala, abanye sibafake belimele. Ngingabala uMakhubela (Ntsako), uSibisi (Nkosinathi), uMtshali (Lindokuhle) noMathiane (Matome).
“Uma unabadlali abenza konke okusemandleni ukuthi bangene enkundleni noma bengeluleme kahle, kukhombisa ukuthi iqembu linekusasa elihle. Ngiyaziqhenya kakhulu ngala badlali. Ngifisa ukuthi leli qembu liqhubeke lidlondlobale.”
Abafana Bes’thende bebedinga ukuthi bawunqobe umdlalo wokugcina ukuze bazibeke ethubeni elihle lokuqeda endaweni yesithathu, obekuzoholela ekutheni babeyingxenye yomqhudelwano weCaf Confederation Cup.
Ukudlala kwabo ngokulingana kwenze bahluleka ukudlula i-Orlando Pirates, egcine inamaphuzu awu-50. Noma kunjalo uNcikazi uyaziqhenya ngokuthi bakwazile ukwephula irekhodi leqembu abalenza ngesizini ka-2008/09, beqeda endaweni yesihlanu namaphuzu awu-46, izintambo zisaphethwe nguManqoba Mngqithi.
Okunye okumhlaba umxhwele uNcikazi ukubona abadlali bakhe bephakanyiswa ohlwini lwabadlali abebesethubeni lokuwina izindondo kumaPSL Awards, nokubona abanye bebizelwa emaqenjini esizwe.
“Kuyangithokozisa ukuthi uSifiso (Mlungwana) usethubeni lokungena eqenjini lama-Olympics. Ngiyajabula ukuthi uSibisi (Nkosinathi) ubiziwe eqenjini lesizwe iBafana Bafana. Maningi amarekhodi esiwaphulile kule sizini. Kuningi kakhulu okuhle esikwenzile.
“Sidumele ngokuthi siphucwe iqatha emlonyeni sekusele kancane siyodlala e-Afrika kodwa ngisaziqhenya. Ukuba kwakukhona owangibhulela kusaqala isizini, wangitshela ukuthi sizoqeda endaweni yesine ngangizojabula kabi. Angifuni ukungeneliseki ngesikwenzile njengoba isiphelile isizini.
“Ngiyaziqhenya futhi ngozakwethu ebesisebenzisana nabo ukuthi sithuthukise leli qembu. Ngiyambonga nosihlalo (Mato Madlala) ngokungipha ithuba lokuqeqesha iqembu. Ngiyethemba ukuthi sikwazile ukumjabulisa,” kusonga uNcikazi.