UNHLANHLA Ntuli weKe Yona ebanga ibhola noTerrence Dzukamanja weBidvest Wits emdlalweni wobungani eHPC Isithombe: BACKPAGEPIX
AKAYINGENI eyamaqembu amakhulu umdlali weKe Yona, uNhlanhla Ntuli, ofuna ukuzakhela igama ebholeni laseMzansi.

UNtuli (21) waseMtshezi, ubeyibambe enkabeni yenkundla ngesikhathi iqembu leKe Yona lihlulwa yiTS Galaxy ngo 2-1 emdlalweni weKe Yona Challenge eKameelrivier Stadium, KwaNdebele ngempelasonto edlule.

Ungomunye wabadlali abawu-18 abatholwe ngesikhathi ithimba labaqeqeshi elithakwe ngomqeqeshi uKhabo Zondo nezinkakha uDoctor Khumalo noJerry Sikhosana lizungeza iNingizimu Afrika. I-Ke Yona Challenge edlalwa yiqembu elingompetha beNedbank Cup neleKe Yona, isidlalwe kasikhombisa.

Abekho ompetha beNedbank asebeke bahlulwa. Ngo-Okthoba 1 abadlali abawu-16 bazotomula amaqembu abazoziqeqesha nawo amasonto amane ukuzitholela izinkontileka. Kubadlali abathole amadlelo aluhlaza ngenxa yalolu hlelo kukhona uBongani Sam we-Orlando Pirates no-Aubrey Modiba weSuperSport United.

Nakuba iningi labadlali lihlale libambe umoya, lifuna ukutomula amaqembu amakhulu kodwa uNtuli ufuna okuhlukile. “Ngifisa ukufika ngizikhandle eqenjini engizoya kulo. Uma bengithandile bangisayinise. Ngingathanda ukuya kwiCape Town City noma kwiBloemfontein Celtic. Uma ngibuka yilapho engingalunga khona ngokwendlela engidlala ngayo. La maqembu anabadlali abasebancane engizibona ngifana nabo. Kodwa umdlali engibukela kuyena nguThembinkosi Lorch ngendlela ashesha ngayo. Izinto eziningi azenzayo nami ngiyakwazi ukuzenza,” kusho uNtuli.

UNtuli ubengomunye wabadlali abane baKwaZulu-Natal abathole ingqayizivele yethuba lokuzicabela indlela ebheke esigabeni esikhokhelayo. Abanye nguThulani Cele waseMlazi ogcine eshayele iKe Yona igoli, Thembelani Ndlovu waseMooi River oyibamba enkabeni yenkundla noBlessing Mazubane wasePort Shepstone.

UNtuli kumanje uzinze eThekwini ngenxa yokufunda. Udlalela Amawundlu okuyiqembu laseThekwini elinezigaba ezehlukene. Ngaphambi kwalokho kade eyibamba kwiJuventus edlala kwiSAB League Mtshezi.