INSEPHE yaseNamibia, uRobert Nauseb, isilibeke ezandleni zikaPitso Mosimane ikusasa lomkhaya wayo uPeter Shalulile osayine kwiMamelodi Sundowns ngeledlule.
UShalulile, ozohlukaniselana umklomelo wamagoli iLesley Manyathela Golden Boot Award noGabadinho Mhango we-Orlando Pirates, ujoyine iSundowns ehambisana noMothobi Mvala obengukaputeni wakhe kwiHighlands Park. UShalulile noMhango bashaye amagoli awu-16 kwiligi emunye ngesizini edlule. Lo mgadli ulandele uMwape Musonda weBlack Leopards ngokudla umhlanganiso kwiPremiership nakwiGladAfrica Championship. Ngesizini ka-2017/2018 laba bagadli baqede bebambene ngamagoli awu-15 emunye bedlala kwiGladAfrica.
Kunovalo lokuthi ingabuna le mbali yaseNamibia kwiSundowns ngenxa yomlando ongemuhle ngabadlali abafika eChloorkop kubhekwe lukhulu kubo.
“UShalulile usekhombise kaningi ukuthi ungumgadli obukhali. Ngiyathemba ukuthi uPitso uyayazi into amsayinisele yona futhi uyazi ukuthi uzomsebenzisa kanjani. Konke kusezandleni zikaPitso ukuthi lingashabalali ikusasa likaShalulile,” kusho uNauseb.
“Ngiyethemba ukuthi uzodlala kwiSundowns ngoba uyena ongumgadli ngokuphelele esikwatini sayo okwamanje. Ngizwile ukuthi kuzofika noKermit Erasmus. Uyena-ke umuntu angagcina ebanga naye indawo phambili. Okuhle ngoPeter ukuthi uyakwazi ukudlala nasezinhlangothini. Ngaleyo ndlela uzonika uPitso izindlela ezehlukene zokumsebenzisa. Ngaphezu kwalokho iSundowns idlala imiqhudelwano eyehlukene.”
Ukusayinisa inqwaba yabadlali kweSundowns sekuphinde kwalandelwa yizinkulumo. UMosimane uzeseka ngokuthi ugugelwe, uzama ukulivuselela iqembu ngabadlali abasebancane. Uthe izimbangi zakhe, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, zisayinisile ngesizini edlule, manje sekuyisikhathi sakhe.
“Okungikhathazayo nje wukuthi uPitso uzokwenza kanjani ukuthi abagcine bejabule bonke abadlali. Abadlali abasebancane nabo bafuna ukudlala futhi uma kungenzeki lokho abaphatheki kahle. Uzoshuba umbango wejezi kodwa enkundleni kuzongena abadlali abangu-11.”