ISITOBHA seRoyal AM, uRicardo Nascimento, sidalule okuholele ekutheni sihlukane isigubhukane neMamelodi Sundowns.
UNascimento (35) waseBrazil ujoyine iRoyal ngoJanuwari ekade engomunye wabadlali abamqoka eChloorkop.
Lokhu kushiye abaningi, ikakhulukazi abalandeli neSundowns, bebambe ongezansi. NgoJanuwari iSundowns kade isenkingeni yesibalo esiphezulu sabadlali bangaphandle ekubeni ifuna ukusayinisa u-Erwin Saavedra waseBolivia.
Kuvele ukuthi inxuse uNascimento ukuthi awaphanyeke emgibeni amakhokho, anikezwe umsebenzi wokuthungathela iqembu abadlali phesheya kwezilwandle. Nokho lokho kugcine kungaphumelelanga.
"ISundowns kade inabadlali abaningi bangaphandle futhi inkontileka yami kade izophela ekupheleni kwesizini kodwa inombandela wokuyivuselela. Ingikhethisile ukuthi ngihlale ngingabhalisiwe izinyanga eziyisithupha noma nginqamule inkontileka, ngibuyele eBrazil ngize ngibuye ngizoqala kahle ngesizini ezayo. Mina ngibone kungekuhle ukuhlala izinyanga eziyisithupha ngingadlali. Nginqume ukunqamula inkontileka ngajoyina iRoyal AM," kusho uNascimento.
Abadlali abayisihlanu ababhaliswe njengabokufika kwiSundowns nguGaston Sirino (Uruguay), Pavel Safranko (Slovakia), Devine Lunga (Zimbabwe), Peter Shalulile (Namibia) noSaavedra (Bolivia).
UNascimento ufike eMzansi ngo-2016 waqhakaza. KwiSundowns uwine iligi yeDStv Premiership amahlandla amane, Telkom Knockout, Caf Super Cup neMTN8. Ngesizini ka-2016/2017 uqokwe njenge-Absa Premiership Defender of The Season ngemuva kokuthi iSundowns iwine iligi.
Nokho ukulimala bekuhlala kuyinkinga kuyena. Usehlinzwe ezinqulwini zombili eminyakeni embalwa edlule. Ngaphambi kokuqala kwesizini, iSundowns kade ingabaza ukumbuyisa ngoba ingenaso isiqiniseko sokuthi usekulungele ukudlala.
"Ngisayine inkontileka yonyaka neRoyal AM enombandela wokuyivuselela ngomunye. Uma iphela ngiphindela ekhaya. Ukulimala yikhona okungihluphile kakhulu ngakho angifuni ukugcina sengikhubazekile. Ngizobuyela eBrazil ngiyosebenza ukuthungatha ikhono. Baningi abadlali eBrazil, Argentina naseChile. Uma umqeqeshi (Manqoba) uMngqithi noRulani (Mokwena) beSundowns bengicela ukuthi ngibabhekele umdlali othize, ngizokwenza lokho. Ngizogcina ukudlala ibhola lapha kwiRoyal AM," kusho uNascimento.