USAFUNA okungaphezulu kubadlali bakhe abangajwayele ukuthola isikimu umqeqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, obheke ukuqhubeka nokuqoqa amaphuzu kwiBetway Premiership.
Amakhosi ajabulise abalandeli ngesikhathi ecosha amaphuzu amathathu kwiRichards Bay, emdlalweni awunqobe ngo 2-1 maphakathi nesonto ePolokwane. Lokhu kwehlise ingcindezi kuNabi okuyiwe ekhefini leFifa ethelwe ngehlazo yiMamelodi Sundowns kwiCarling Knockout. Emqhudelwaneni wosuku odlalwe eGqeberha, iHome of Legends, iChiefs idlalise inqwaba yabadlali abangajwayele ukudlala. Iningi labo liphumelele ukuthatha iso labaqeqeshi, bathola indawo esikimini esiqale umdlalo koweBay. Kulaba badlali kukhona uSibongiseni “OX’’ Mthethwa, nonozinti uBrandon Petersen abebengakaze basithole isikimu kule sizini. Omunye ngu-Ashley Du Preez, ojwayele ukungena esiwombeni sesibili. Bobathathu banconyiwe nguNabi.
Laba badlali kulindeleke ukuthi baqhubeke nokuthola isikimu uma iChiefs isibhekene neRoyal AM ngo-5.45 ntambama, ePeter Mokaba Stadium kowePremiership ePolokwane.
“Ngijabule ngabadlali abawuqalile umdlalo, ikakhulu u-Ashley. Kuzomnika ukuzethemba ngokuqhubeka kwesikhathi. U-OX ushaye into ecokeme kakhulu kanye noMmodi (Pule). Siyakholwa wukuthi basengenza kangcono kunalokhu,” kusho uNabi.
IChiefs isendaweni yesithupha kwi-log yePremiership ngamaphuzu ayishumi emuva kwemidlalo eyisishiyagalombili. Nakuba leli qembu kubukeka lidonsa kanzima ukuwina imidlalo ngaphansi kukaNabi kodwa kubukeka isixazululeka inkinga yokushaywa kwamagoli ebikhathaza abaphathi ngesizini edlule. Amakhosi aseshaye inethi amahlandla ayishumi emidlalweni eyisithupha, kwangena ngakuwona ayisishiyagalombili. Phezu kokuba lukhona ushintsho kodwa uNabi ukubeke kwacaca ukuthi kusamele bayilungise inkinga yamagoli.
Kwi-AM, iChiefs izobhekana neqembu elibhinjelwa yizinto kule sizini ngoba isawine kanye emidlalweni eyisishiyagalombili. Maphakathi nesonto, yehlulwe yiLamontville Golden Arrows ngo 3-2 emdlalweni wabakhaya baKwaZulu-Natal. Akubuzwa ukuthi umqeqeshi, uJohn Maduka, uzolwela ukucosha amaphuzu agcwele kwiChiefs.