UMGQIGQO weStellenbosch FC akuyona into okufanele ibakhathaze kangako abaMaZulu FC kodwa ukuqhubeka lapho begcine khona, ngaphambi kwekhefu lemidlalo yeFifa, yikhona okufanele bazikhathaze ngakho.
Lona umbono weqhawe laMaZulu emdlalweni wokugcina weligi, u-Augustine Mulenga, awusho izolo ngesikhathi ekhuluma nethimba labezindaba loSuthu, beqeda ukuziqeqeshela ukubhekana neStellenbosch koweDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, eDanie Craven Stadium, eKapa.
Emva kokuqala kwaMaZulu ngebatha kule sizini (yize enze kahle kwiCaf Champions League), kubuye ithemba kubalandeli bawo ngesikhathi enqoba ngo-2-0 kwiCape Town City, eMoses Mabhida Stadium ngaphambi kwekhefu lemidlalo yeFifa.
NgokukaMulenga, yena nozakwabo kufanele bakhohlwe ukuthi iqembu abaya kulona lihamba ngamuphi umgqigqo kodwa bagxile ekutheni baqhubeke nabakwenze kwezika-Eric Tinkler ngaphambi kokuma kwemidlalo yeligi.
“Akekho ongazi ukuthi iStellenbosch idlala kanjani kulezi zinsuku, okusho ukuthi umdlalo esiya kuwona unzima ngayo yonke indlela ongayicabanga.
“Okumnandi ukuthi siya kulo mdlalo sihambela phezulu kulandela ukunqoba kwethu emdlalweni odlule. Le wini edlule isikhuphulele ukuzethemba ngakho-ke kusemqoka ukuthi siqhubeke lapho sigcine khona emdlalweni uma sesibhekene neStellies.
“Ngeke sizikhohlise ngokuthi kuzoba lula. Kubalulekile ukuthi siye eKapa nomqondo ocacile ekutheni siya empini uma sifuna ukuqhubeka nomgqigqo wethu,” kuqhuba uMulenga.
Kusukela kuqale isizini iStellenbosch ayiyazi induku emidlalweni yeligi okufakazelwa ukuhlala kwayo endaweni yesibili kwi-log. Leli qembu, eliholwa wuSteve Barker, seliqoqe amaphuzu angu-20 emidlalweni engu-10, liwine kahlanu, ladlala ngokulingana isibalo esifanayo.
Lo mgadli waseZambia wenelisekile ngakubona kozakwabo njengoba sebebuye bonke laba ababesemaqenjini abo esizwe.
“Konke kulele kubaqeqeshi ukuthi bakhetha baphi abadlali abazobasebenzisa ngoMgqibelo ngoba bonke (abadlali) sebebuyile.
“Lo mdlalo siwubheke ngabomvu kodwa okungikhuthaza kakhulu ukuthi ngisho ngingaqalaza ngakuphi, ngibona abadlali abazimisele ngokusebenzela iqembu ngawo wonke umfutho abanawo,” kusonga uMulenga.