BAZIQEQESHA naMaZulu FC abadlali ababili abanamava okudlala esigabeni esiphezulu ebholeni elikhokhelayo.
USiphelele “Shaka Zulu” Mthembu noMakhehleni Makhaula bazama inhlanhla Osuthwini emuva kokunyamalala isikhashana ebholeni.
UMthembu ugcine ukudlala kwiCape Town City isaqeqeshwa nguBenni McCarthy kanti uMakhaula ubedlalela iHighlands Park esidayisile esizokwaziwa ngeTS Galaxy.
UMthembu ungumgadli odle ngamandla, yize engawashayi njalo amagoli kodwa uyakwazi ukuvulela ozakwabo izikhala kwakheke amagoli. Eminyekeni edlule ubangwe yizinkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates. Ugcine ewadlalele womabili amaqembu ayintandokazi ebholeni lakuleli. Hleze ukugxekwa okugqamile ngoMthembu okuyaye kushiwo ngabalandeli bebhola wukuthi akawashayi amagoli amaningi alandele umsebenzi wakhe wokuba ngumgadli. UMakhaula ugqame kakhulu kwiFree State Stars. Uyakwazi ukudlala esiswini nasemuva. Unonyawo oluqinile nokho, uma emaka kusiphuka izidindi.
“UMakhaula noMthembu bajima noSuthu. Bafike ngoLwesine olwedlule, basaziqeqeshe cishe kabili neqembu. Umqeqeshi * -Ayanda Dlamini ukubeke kwacaca ukuthi ufuna iqembu elizodlalela ukunqoba izicoco ngesizini ezayo, yingakho kulandwe laba badlali. Kunzima ukusho ukuthi bazosayina noma kuzokwenzeka kuphi kodwa kubukeka sengathi basagculisekile okwamanje abaqeqeshi,” kusho umthombo.
Iphini lomqeqeshi kuMaZulu, * -Alan Freese, usebenzile noMakhaula kwiHighlands Park nanoMthembu kusekhona iPlatinum Stars.
Esikhathini esedlule AmaZulu abenenkinga yodonga lwasemuva oluvuzayo, okungenzeka ukuba ukuthola uMakhaula kungasiza ukuvimba izitha engxenyeni enkulu yeqembu.
Babukeka bebukhali abagadli boSuthu uBongi Ntuli noLehlohonolo Majoro abebevutha ngesikhathi kusongwa imidlalo yePremier Soccer League (PSL).
Kodwa ukuthola uMthembu njengomgadli, kunganika ithimba labaqeqeshi indlela eyehlukile yokudlala phambili, ngenxa yokuthi uyakwazi ukugcina ibhola ecindezekile.
Okhulumela AmaZulu, uBrilliant Mkhathini, uvumile ukuthi laba badlali baziqeqesha nezakhe.
“Yebo bakhona, baziqeqesha neqembu. Laba ngabadlali ababili abanamava okudlala esigabeni esiphezulu. Yize kunjalo, kubalulekile ukungasayini umdlali ngento owawumazela yona kodwa umsayine ngoba kukhona okubonile,” kusho uMkhathini.