UMQEQESHI weSwallows FC uBrandon Truter, uvuma eyokuthi uhlabe ikhafu kulo msebenzi wakhe.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi ngempelasonto edlule Izinyoni zithole isibhaxu si 3-0 kwiSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership.
Lona bekuwumphumela wesibili omubi kulandelana kwiSwallows njengoba ibibuya endukwini ye-Orlando Pirates khona kwiligi.
UTruter uqinisekisile kwiSolezwe ngoMsombuluko ebusuku ukuthi umile emsebenzini, yize izizathu ezichaze ngendlela ehlukile kumahlebezi akhomba ukuthi umisiwe ngenxa yokugqoza kwemiphumela emihle.
Enye wama-website abika ngonobhutshuzwayo, iSoccer Laduma, ibike ukuthi Kuthiwa ngemuva kwalo mdlalo, uTruter nethimba lakhe labaqeeqshi babizelwe emhlanganweni oyisipesheli okuyilapho emiswe khona. Kuthiwe indawo yakhe ingase ithathwe iphini lakhe uSimo Dladla okwesikhashana.
Yize iSwallows ikowandulela amanqamu weMTN 8, leli qembu aliyazi iwini emidlalweni yalo emine yeligi.
Ethintwa ileli phephandaba uTruter uvumile ukuthi umile emsebenzini kodwa izizathu ziqondene naye uqobo.
“Kuliqiniso ukuthi ngeke ngibe sebhentshini isikhathi esingangamasonto amabili. Izizathu zokuma emsebenzini ziqondene nami uqobo ngakho-ke ngeke ngizineke kwabezindaba,” uphendule kanje uTruter ngomqhafazo kade ebuzwe ngobuqiniso bokumiswa kwakhe emsebenzini.
Kusukela uTruter eqashwe kwiSwallows ngo-2019, useyiphendule elinye lamaqembu anogazi kwiDStv Premiership yize idlale ngokulingana amahlandla angu-20 emidlalweni engu-30 yangesizini edlule.
Uyena futhi lo mqeqeshi obeshayela umkhumbi weSwallows ibuyela esigabeni esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika ngemuva kokunyamalala iminyaka eminingi.
Ngesizini yakhe yokuqala uTruter efake iSwallows esigabeni esikhulu, uqede isizini ekwi-Top 8, okungenye yezinto ezimakhele ugazi kubathandi bebhola baseMzansi.