Ezemidlalo Ibhola

UMpupha uqopha umlando ngeqembu laphesheya

Published

UZINTLE Mpupha amukelwa uSusie Appleby oyinhloko yabaqeqeshi kwi-Exeter Chiefs

XOLILE MPISANE

USETHOLE ikhaya elisha umdlali wombhoxo eqenjini labezifazane lamaBhokobhoko, uZintle Mpupha ngemva kokusayina isivumelwano sonyaka owodwa neqembu lase-England, i-Exeter Chiefs.

Lokhu kumenza umdlali wesibili wesifazane waseNingizimu Afrika, ukuthi asayine neqembu laphesheya kodwa uzobe engowokuqala kwi-Allianz Premier League. Ulandela ezinyathelweni zikaBabalwa Latsha, owajoyina iqembu laseSpain iSD Eibar nyakenye.

UMpupha (29), owaqala ukugijima kumaBhokobhoko ngo-2018, usedlale izikhathi eziyisikhombisa eqenjini lesizwe. Phambilini uke wagijima eqenjini lakuleli lama-Sevens, walihola lidlala kumaCommonwealth Games nakwiNdebe yoMhlaba ngawo u-2018.

Uke wamela iNingizimu Afrika, nakwikhilikithi futhi uneziqu zeHuman Movement Sciences azithola eNyuvesi, iFort Hare

"Ngijabule kakhulu ngokuthi i-Exeter icabanga ukuthi ngizongena kahle esitayeleni sabo sezombhoxo. Bekuhlezi kuyiphupho lami ukuyodlala phesheya," kusho uMpupha odlala maphakathi nenkundla.

"Ngilindele ukubhekana nezinselelo ezehlukene njengesimo sezulu, nokunye engingeke ngikwazi ukukulawula. Ngiyethemba ukuthi ngizothola isikhathi esanele sokudlala ukuze ngikhule njengomdlali. Leli yithuba lokudlala nabadlali abasezingeni eliphezulu emhlabeni, lokufunda nokubona ukuthi kudlalwa kanjani esigabeni esiphakeme futhi lizosiza kakhulu ekukhuleni kwami."

UMpupha uzoya e-England, enokwezethemba ngoba usanda kushaya ama-try amane ngesikhathi iNingizimu Afrika, ihlula iKenya eStellenbosch ngo-Agasti. Ubesefomini enhle nakwiCurrie Cup, wasiza iDHL Western Province ukuthi ifike kowamanqamu.

“Ngiyayibonga iSA Rugby ngokusakaza imidlalo yethu okokuqala ngqa - angicabangi ukuthi amathuba afana nalawa abengavela ukube besingabonwa yonke indawo," kuqhuba uMpupha.

"Ngiyethemba ukuthi lokhu kuzovula iminyango eminingi nakwabanye abadlali besifazane baseNingizimu Afrika.

“Ngiyayibonga neWestern Province esize ngezinkundla zokuzilolonga nabaqeqeshi abasezingeni eliphezulu. Ngibonga nozakwethu ebengidlala nabo. Empeleni lokhu akusikho okwami ngedwa, ngiyethemba kuletha ithemba kunoma iyiphi intombazane efuna ukuthola ithuba lokuyodlala phesheya.”

UMpupha usazoqhubeka nokudlala eqenjini lesizwe ngoba inkontileka yakhe iyamvumela ukuthi akwazi ukufeza izibophezelo namaBhokobhoko. Uyingxenye yeqembu elizovakashela e-Europe ngoNovemba, lapho lizobhekana neFrance eVannes, lizobuye lidlale neqembu labesifazane lamaBarbarians.

Iqembu labesifazane lamaBhokobhoko lagcina ukudlala ngaphandle kwaseNingizimu Afrika ngo-2018 ne-UK Armed Forces, Wales, Spain ne-Italy.