UZAMA inhlanhla kuMaZulu obengunozinti weRoyal AM, uMondli Mpoto, ongomunye wabadlali abasale dengwane ngemuva kokushabalala kweThwihli Thwahla.
I-AM ixoshwe yiPremier Soccer League (PSL) kulandela ukufakwa kwayo ngaphansi komqoqintela, iSouth African Revenue Services (Sars), ngenxa yesikweletu esithinta usihlalo uShauwn "MaMkhize" Mkhize nendodana yakhe, u-Andile Mpisane. Leli qembu ligcine lingathengwanga ngesikhathi lidayiswa esidlangalaleni. Ukuxoshwa kwalo kwiligi, kushiye abadlali nelungelo lokusayina kwamanye amaqembu.
Ngaphambi kokuphela kwesizini ka-2024/2025, amaqembu azitapele kubadlali be-AM. Emaqenjini ahlomulile kukhona i-Arrows ethole uThabo Matlaba, Shadrack Kobedi, Ayanda Jiyane, Philani Sithebe, Sabelo Sithole, Ayabulela Maxwele, noSiphesihle Msomi. ISekhukhune United ithathe uKhulekani Shezi. IRichards Bay isayinise uSingabakho Zulu noMfundo Thikazi. Bonke laba badlali kuvalwe isizini sebedlalile emaqenjini abo amasha.
UMpoto owadlala emaqenjini esizwe abasakhula, kuvele ukuthi ubeziqeqesha noSuthu ngaphambi kokuthi luvalele amaholidi. Uzakwabo abebanga naye ijezi kwi-AM, uXolani Ngcobo, usethole ikhaya elisha kwi-Arrows. Lo nozinti akasayinanga kwi-Arrows kanye nabanye abadlali ngenxa yokuthi ubengenayo indawo kuBafana Bes'thende kwazise ibishaya ngonozinti abane okunguNkosingiphile Gumede, Sifiso Mlungwana, Ismael Watenga no-Edward Maova. Kusabalale ukuthi uMlungwana uzokhonjwa indlela ukuze kuzovuleka isikhala sikaNgcobo okuvele ukuthi ubefunwa nangaMaZulu.
UMpoto uzama inhlanhla kuMaZulu nje, akhombe indlela uVeli Mothwa no-Andile Mbanjwa. Asesayinise uDarren Johnson obevimbela iChippa United. USuthu kulindeleke ukuthi lumemezele abadlali olubasayinisile ezinsukwini ezizayo. Uma uMpoto, obekade eseqenjini leBafana Bafana elidlale kwiCosafa Cup, egcina esayinile kuleli qembu eliholwa ngu-Arthur Zwane, uzohlalelwa wumsebenzi wokugudluza uRichard Ofori no-Olwethu Mzimela obebolekiswe kwiDurban City ewine iligi yeMotsepe Foundation Championship.
Related Topics: