Ezemidlalo Ibhola

UMotaung uyalela uMnisi ukuthi akahlukane neChiefs

Sithembiso Mkhize|Published

UBOBY Motaung imenenja yeKaizer Chiefs ithi isikhulu esiphezulu seRoyal AM, uSinky Mnisi akahlukane nabo Isithombe: BACKPAGEPIX

IMENENJA yeKaizer Chiefs, uBobby Motaung, seyiyalele isikhulu esiphezulu kwiRoyal AM, uSinky Mnisi, ukuthi ihlukane nabo, kabayikweleti lutho iThwihli Thwahla.

Esithangamini sabezindaba ebesibizwe wuMnisi, ngoLwesithathu emini, e-OR Tambo Premier Hotel, eGoli, uphinde wayiqala phansi indaba kaDillon Solomons osejoyine Amakhosi esuka kwiSwallows

Ngenyanga edlule lesi sitobha sethulwa ngokusemthethweni ezikaMotaung, uMnisi wacashunwa ethi uSolomons umdlali wabo, uye kwiChiefs kungafanele.

Wasola iSwallows neChiefs, wathi bese kuvunyelwene ukuthi uSolomons ungoweRoyal AM. Imenenja kaSolomons nayo yaphumela obala ngokuthi ayikaze ixoxe neRoyal AM ngokuthi umdlali aye kuyona.

UDILLON Solomons umdlali weKaizer Chiefs igama lakhe elingafuni ukuphela emlonyeni wesikhulu esiphezulu seRoyal AM, uSinky Mnisi Isithombe: KAIZER CHIEFS TWITTER

UMnisi ekhuluma nabezindaba uthe: “Lesi sahluko sesivaliwe, phakathi kweChiefs, umengameli weRoyal AM neSwallows. Kumele bakhokhele iRoyal AM ekudingayo. Isobala kanjalo nje.”

Kuthintwa uMotaung ngoLwesithathu, uthe: "UMnisi akahlukane nathi, kasiyikweleti lutho iRoyal AM. Kasikaze sikhulume nayo ngezindaba zokudayiselana abadlali. Njengoba ethi bakhuluma neSwallows ngodaba lukaSolomons, akabuyele kuyona. Asinandaba thina, ulwa yedwa.“

Kulesi sithangami uMnisi uveze nokuthi kungamanga aluhlaza ukuthi uyena owanqaba ukuthi uVictor Letsoalo aye kwiChiefs. Imibiko eyavela yathi iRoyal AM yafuna u-R20 million ngalo mgadli ogcine esayine kwiSekhukhune United. IRoyal AM yasikhipha isitatimende iveza ukuthi iChiefs ayikaze ixoxisane nabo ngomdlali.

"Kungamanga aluhlaza ukuthi nganqaba noLetsoalo. Ngamanga futhi ukuthi kwiChiefs sasifuna u-R20 million ngalo mdlali. Izingxoxo ngokuhamba kwakhe bezisingethwe umengameli weRoyal AM. Mina kangikaze ngihlale kuzona," uqhube kanje.

Esithangamini, lesi sikhulu siyiphikisile imibiko ebisabalele ebithi simisiwe emsebenzini. Sithe sisayiso isikhulu esiphezulu kwiThwihli Thwahla, wukuthi sisathathe ikhefu eliyisipesheli ngoba asiphathekile kahle emoyeni ngenxa yemibiko egxeka sona ngokwenzeka eqenjini.