USEKULUNGELE ukubuyela enkundleni uPitso Mosimane ngemuva kokungena esibhedlela ngenxa yeCovid-19.
UMosimane kuvele emasontweni amabili edlule ukuthi utholwe enaleli gciwane elihlasele umhlaba wonke.
Lo mqeqeshi osezinze e-Egypt lapho eseqeqesha khona i-Al Ahly kusukela ngo-Okthoba, ubelokhu ebazise njalo abalandeli bakhe ngesimo sakhe ekhasini lakhe enkundleni yokuxhumana iTwitter, ku@TheRealPitso.
Ngempelasonto uveze ukuthi usebuye wahlolwa kwavela ukuthi usemsulwa kuleli gciwane eseliguqule impilo emhlabeni wonke.
“Ekugcineni, seliphumile emzimbeni wami leli gciwane. Ngiyabonga kunina nonke ngothando nokungeseka kula masonto amabili abenzima. UNkulunkulu anibuzise, Shukran, Al Hamdoulilla (Ngiyabonga, udumo lube kuNkulunkulu). Angisakwazi ukulinda ukuphinde ngihlangane nomndeni wami wakaMosimane nowe-Al Ahly,” kubhala lo mqeqeshi.
Ngaphambi kokugula kwakhe, uMosimane, bezilokhu zimhambela kahle izinto selokhu efikile kweloFaro.
Emidlalweni afike isele kwi-Al Ahly ngo-Okthoba ukwazile ukuyiqedela ngempumelelo, iqembu lanqoba isicoco seligi.
Ubuye waqedela nemidlalo yeCaf Champions League, banqoba lesi sicoco. Akagcinanga lapho njengoba ebuye wanqoba isicoco se-Egypt Cup.
Le mpumelelo isho ukuthi uMosimane wenze okungajwayelekile enqoba izicoco ezintathu namaqembu ahlukene ngonyaka owodwa. Ube eseqokwa njengomqeqeshi oshaye into ecokeme kuleliya lizwe
Ushiye kwiMamelodi Sundowns kuleli, enqobe isicoco seligi, iTelkom Knockout neNedbank Cup. Nakuleli ubaqwaqwade emakhanda abanye abaqeqeshi ethatha umklomelo womqeqeshi ovelele ngesizini edlule.
ICoronavirus ihlasele kwezemidlalo njengoba nakuleli iphazamisa. Kwi-rugby iCell C Sharks sekwenzeke izikhawu eziningi iphazamiseka ezinhlelweni zayo zeCurrie Cup ngenxa yokuthi abadlali bebanjwe yileli gciwane.
Kwikhilikithi kunabadlali asebeke baba semgongqweni ngalo belu lolu bhubhane. Yize amaqembu akwiPremier Soccer League (PSL) ekufihla ukuhlasela kwaleli gciwane kodwa kuvelile ukuthi iMaritzburg United ike yehlelwa yileli lifu, abadlali bayo abahlanu bephoqeka ukuthi babe emgongqweni ngaphambi komdlalo wayo wokugcina weligi emasontweni edlule.