ININGIZIMU ibihlangene ngemuva kweKaizer Chiefs kodwa umkhaya wayo uPitso Mosimane wabukisa ngayo ekuhambeni kowamanqamu eCaf Champions League eComplexe Mohamed V Stadium, eCasablanca, eMorocco izolo ebusuku.
Amakhosi aguqe ngo 3-0 kwi-Al-Ahly ecijwa nguMosimane nevikele isicoco sayo seChampions League isinqoba okwesibili iminyaka ilandelana.
Bekungokwesithathu yenza lokhu kwazise nango-2005/06, 2012/2013 yenze okufanayo.
Amagoli e-Ahly angene ngomzuliswano wesibili, ngemuva kokuthi uHappy Mashiane ephume ngekhadi elibomvu ekupheleni kwesiwombe sokuqala.
Amagoli avele noMohamed Sherif (53), Madgi Kafsha (64) no-Al Sulaya (74).
IChiefs ibe yiqembu lokuqala laseNingizimu Afrika ukudlala kowamanqamu eChampions League angumlenze owodwa, nokuqale ngemuva kokubheduka kwecoronavirus.
Bekungumdlalo omkhulu cishe ukuyedlula yonke eminyakeni engu-51 yasungulwa iChiefs.
Kanti obekungadala ingebhe kubadlali wukucabanga izinto ezifana nokuthi badlala neqembu elibuya kwiFifa Club World Cup lapho liqede khona endaweni yesithathu lihlulwa nompetha base-Europe nabomhlaba, iBayern Munich.
Nokho kuningi okuqale umdlalo kufanele kubehlisele itwetwe; njengokuthi abaqeqeshi babo bebeholwa nguBaxter eminyakeni emibili edlule okhiphe kwi-Africa Cup of Nations i-Egypt eshaya ngesibalo esicebile sabadlali be-Ahly behambisana nesilomo seLiverpool, uMohamed Salah.
Nokho lokho bekufanele kudanjiswe wukuthi iChiefs igcine ukuyodlala eCasablanca ifike yaqopha umlando iba yiqembu lokuqala laseMzansi ukujuqa iWydad Athletic Club esibayeni sayo.
Isiliva elibuye neChiefs lihambisana neR22 million.
Belungelona nje usuku olukhulu emlandweni weChiefs kodwa bekuwusuku olukhulu nakusihlalo wayo, uKaizer Motaung, owagaxe emgibeni ngeminyaka yabo1970 izwe lisadingisiwe emidlalweni yamazwe.
Lokho kwakusho ukuthi uzowagaxa engadlalanga emiqhudelwaneni efana neCaf Champions League.
U-2021 kodwa uzongena emlandweni njengonyaka oshintshe okuningi futhi okukhulu kunobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika.
Indaba izoqala ngokuthi ngoMashi 12 uPatrice Motsepe unyukele esihlalweni esikhulu ebholeni lase-Afrika, eba ngumengameli weConfederation of African Football.
Lowo mlando ulandelwe wukuqokwa kukaMosimane njengomqeqeshi wokuqala wase-Afrika eseningizimu ukuyololonga iqembu laseGibhithe.
Uhambe nabasizi bakhe abane bakuleli.
Nansi iChiefs isifika ethubeni lokuba yiqembu lesithathu laseNingizimu Afrika ukunqoba inkanyezi yeChampions League.
Kukhulunywa nje neBafana Bafana kulindelwe namuhla igubhe iNelson Mandela Bay ngesitayela inqobe iCosafa Cup ka-2021 eziyobanga ezoyibanga neSenegal eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.