Bekungaphele mahora amangaki uMosimane ephumele obala ngenjabulo yakhe ngoKeletso Makgalwa obuya ekubolekisweni kwiMaritzburg United. Esiwombeni sesibili somdlalo we-Absa Premiership ophele ngo 1-1 phakathi kweSundowns neCape Town City eLucas Moripe Stadium, uMakgalwa ulimale kanzima edlaliswa kabi uMkhize okucacele noma ubani ukuthi ubengazami ukumaka kahle kepha ubemvimba ukuthi angabhekani nonozinti.
Kwenzeka konke lokhu ubesanda kungena uMakgalwa kodwa ngemuva kwesikhathi ethintekile kugcine kuphoqeleka ukuthi akhishwe.
Kuze kwaba yintambama izolo iSundowns ingaphumeli obala ngokulimala kwalo mdlali osemncane kodwa uMosimane ushilo ukuthi akambambele igqubu uMkhize.
Okwenza uMosimane aphatheke kabi kakhulu ngoMakgalwa ukuthi ubeseqala ekhombisa izimpawu zokuvuthwa. KwiMTN 8 ngempelasonto ungene bebambene neBloemfontein Celtic washaya igoli lokuwina wakhela nozakwabo elinye. ISundowns igcine inqoba ngo 3-1.
Lokhu kwenze uMosimane wabona kunesidingo sokwazisa izwe lonke ukuthi uMakgalwa usekulungele ukuba uTau omusha yinqobo nje uma ezoqhubeka. Ngemuva kokulimala kwakhe abaningi bebelindele ukuthi akhwele adilike kuMkhize kodwa lo mqeqeshi ukhombise izimpawu zokuqonda ngokudale lesi sitobha seBafana ukuthi sidlale kabi kodwa wathi unalo iqhinga lokuqeda lo mkhuba.
“Ngandlela thize ngikholwa ukuthi singazigwema izimo ezifana nalezi uma kushintshwa ingxenye yomthetho webhola. Ukube uMkhize akazange amdlalise kabi ubeyoshaya igoli uMakgalwa. Iqiniso ukuthi wenze kahle uMkhize ngokumdlalisa kabi esengaphandle kwebhokisi, kwenziwa njalo vele kodwa uma uzomthinta umthambo ohlanganisa isihluzu nesithende uyamlimaza impela.
“Ngingakujabulela ukuthi uma umdlali enze njengoMkhize (ngabomu kodwa ngoba kufanele) kulindwe ukuthi umdlali olimele uzohlala isikhathi esingakanani engalithinti ibhola. Uma kuzoba amasonto amathathu nalowo omdlalise kabi amiswe kuze kube uyabuya lo olinyaziwe. Ngisho kwabami abadlali kwenziwe into efanayo,” kusho uMosimane.