SITHEMBISO MKHIZE
LIMNIKA ithemba irekhodi lakamuva lokwenza kahle ekhaya, uJudas Moseamedi ongenye yezinsika zeMaritzburg United ephoqwa isimo ukunqoba kwiBaroka, kusasa, ngo-5 ntambama, eHarry Gwala Stadium.
Ngenxa yokwazi isimo iqembu elibhekene naso, lo mgadli osashaye amagoli amane kule sizini yeDStv Premiership, uthe sebekudlulisile emqondweni ukushaywa kwabo i-Orlando Pirates ngo 2-0 kodlule. Kuyabaphoqa ukuthi bawathole womathathu amaphuzu kwiBaroka ukuze basuke emsileni.
"Sisenalo ithuba lokusuka kule ndawo esikuyo. Ngeke kusize ngalutho ukulahla ithemba. Noma sidliwe kodlule kodwa kuyathokozisa ukubona ozakwethu benokuzethemba, begqugquzekile futhi kunokumamatheka ebusweni babo. Ukudlalela ekhaya kwenza kube lula ukwehlula iBaroka. Kumele senze isiqiniseko sokuthi siyaqhubeka nokungehlulwa ekhaya", kubeka uMoseamedi.
Emidlalweni emithathu yakamuva, eHarry Gwala Stadium, iTeam of Choice, eqeqeshwa u-Ernst Middendorp, ishaye ngo-1-0 iBlack Leopards, yabambana ngo-1-1 neKaizer Chiefs, kowokugcina yabhaxabula iChippa United ngo-5-1.
Ihleli endaweni ka-13 kwi-log ngamaphuzu awu-20, emidlalweni ewu-21.
Uma isafuna ukudlala kwiDStv Premiership ngesizini ezayo kumele kule midlalo eyisishiyagalolunye eyisalele igweme ukulahla amaphuzu.
Okungayiduduza ukuthi iphethe esandleni umdlalo kwiLeapords esekugcineni ngamaphuzu awu-13, nemibili kwiChippa United anamaphuzu awu-17.
Nokushaywa kweChippa United yiBaroka, ngoLwesibili, akubuzwa ukuthi kuzijabulisile azikaMoseamedi. AmaChilli Boys abambe unombolo-13 ngamaphuzu awu-19.
UMoseamedi uthe balindele umdlalo onzima kwiBaroka.
"Uma ubheka imiphumela yemidlalo yakamuva yeBaroka uyabona ukuthi bayiqembu elidlala kahle. NakoweChippa, batshengisile ukuthi bayiqembu elinzima. Okwethu okuzilungiselela ngokuphelele".
Ukunqoba kweBaroka, ngoLwesibili kuyibeke endaweni yesishiyagalombili.
UGoodman Mosele oshaye igoli lokunqoba iChippa maqede waqokwa njengomdlali wosuku, uthe: “Iseyinde indlela, lesi yisiqalo. NgoLwesihlanu sinomdlalo onzima neMaritzburg, uma singaphinde sithole amaphuzu amathathu kungaba lula ukubheka phambili.”
Kusasa iTeam of Choice izobe ilwela ukubuyisa izinduku kwiBaroka. Emlenzeni wokuqala yashaywa ngo-2-1 ekuhambeni.