UMAKADEBONA weSwallows FC, uLebohang "Cheeseboy" Mokoena, uphosele inselelo abadlali abafikayo kuleli qembu ngokuthi babhukule, bazibonakalise ukuthi kungani libasayinisile.
UMokoena (34) wenyukele kwiDStv Premiership neZinyoni ngesizini edlule. Isipiliyoni sakhe, esikaVuyo Mere nabanye abadlali asebeyibambe iminyaka esigabeni esikhulu, senze kwaba nzima ukuzehlula.
Ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2021/2022, iSwallows isayinise abanye abadlali okukhona kubona abasuka kwiGladAfrica Championship, uKhethukuthula Ndlovu, obedlala kuThongathi FC, noDillon Solomons obekwiCape Town All Stars. Bavale izikhala zabahambile okubalwa kubo uKgaogelo Sekgota noNjabulo Ngcobo asebeyibamba kwiKaizer Chiefs.
"Izinga lethu lokudlala lehlile kule sizini ngenxa yokuthi kukhona abadlali abahambile, kwafika abasha. Laba abafikile basazama ukujwayela indlela esidlala ngayo nesenza ngayo izinto enkundleni. Indlela yethu yokudlala ayilula. Kodwa kufanele babhukule bakhombise ukuthi kungani besayinisiwe,“ kusho uMokoena.
“Kunesizathu esenze basayiniswa. Yingoba kade bedlala kahle emaqenjini abasuka kuwona. Akufanele-ke bafike lapha bazithele ngabandayo. Ngiyazi ukuthi kunzima ukushiya lapho obukade usunethezeke khona kodwa kufanele basebenze kanzima ukuze iqembu lizogcina umgqigqo wangesizini edlule.”
Emidlalweni emibili, esadlalwe yiSwallows kwiPremiership kule sizini, isawine kanye, yadlala ngokulingana komunye.
NgoMgqibelo ngo-3 ntambama izovakashela i-Orlando Pirates emdlalweni wabakhaya baseSoweto wePremiership e-Orlando Stadium, eSoweto.
Emasontweni adlule, iSwallows ikhiphe iPirates emqhudelwaneni iMTN8 iyixebula ngo-2-1.
Ukudlala e-Orlando Stadium kuMokoena kuzofana nokubuyela emanxiweni kwazise ukhulele khona kweZimnyama.
"Sengadlula endabeni yePirates nakuba abalandeli behlala bengibuyisela kuyona njalo. Ngafika kuyona ngineminyaka engu-12 futhi namanje ngisabonga ngakho konke eyangenzela khona. Kodwa manje ngenza konke okusemandleni ukuze kuwine iSwallows.
"Kuzoba wumdlalo ohlukile. Akulona iqembu elingavuma ukwehlulwa kabili yiqembu elilodwa. Siyayihlonipha iPirates, sinabadlali abasuka kuyona. Imiphumela yemidlalo edlule ayisho lutho. Sifuna amaphuzu amathathu. Uma sithola elilodwa kuyobe kulungile ngoba sizobe singadlali neqembu elincane,“ kusho uMokoena.