Lo makadebona (43) owalethwa wuScreamer Tshabalala kwiSundowns ngo-1997 ephuma kwiWits, utshele leli phephandaba ukuthi uyamxaka lo msindo ongaka ngoSirino ngoba abadlali abawuhlobo olunjengaye bahlale bekhona kuleli nakwamanye amaligi amakhulu e-Europe.
Uthe abantu kumele bakuqonde ukuthi enkundleni kudlala intsha enogqozi nofuqufuqu futhi esashiselwa yigazi.
Ukhuluma kanjena nje uMohlala owayeyibamba kuthule umoya ohlangothini lwesokunxele, kulandela ukuqubuka kwemvunge ngokuba nenhliziyo encane kwalo mdlali odabuka e-Uruguay.
Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule ubevele phambi kwekomiti lePSL eliqondisa ubugwegwe kulandela ukugadla kuClayton Daniels nakuDean Furman ezakhe ziwashiswa ijezi iSuperSport United kowandulela owamanqamu weMTN8.
Kwenzeka lokhu, kowe-semi final yeTelkom Knnockout okunqobe kuwo iSundowns, lo mdlali ukhishwe ngekhadi elibomvu ngenxa yokudlalisa kabi uMatome Mathiane weLamontville Golden Arrows.
Ngemuva kwalo mdlalo kucashunwe umqeqeshi wakhe Pitso Mosimane encoma unompempe uVictor Gomez ngokukhipha uSirino enkundleni.
Lo mqeqeshi uphinde wacashunwa ethi akasazi ukuthi kumele enzenjani ngenhliziyo encane yalo mdlali.
Kuphinde kwacashunwa abadlali abathile beDowns bekhala ngokucekelwa phansi kweqembu nguSirino.
“Abantu bayalithanda ihaba, akukho okuhlukile ngokuziphatha kukaSirino. Ngo-2001 sishaywa yiKaizer Chiefs kwiBP Top 8, uMambush (Daniel Modau) washaya ngempama uCharles Motlhohi kade enqabe ukushaya iphenathi. Asikho isimanga esaba khona. Ngisho no-Angelo Tsichlas owayeyiphini likasihlalo weSundowns, akakubonanga okubi ngoba kuyaziwa ukuthi enkundleni iyanyuka imimoya. Kwakukhona nabadlali abanjengoLinda Buthelezi noGavin Lane, ababeqeda abadlali ngenduku kodwa kuthuleke. Ngisho nase-Europe bakhona abanjengoWayne Rooney owaze watholelwa udokotela owayezomsiza ekwehliseni ulaka,” kubeka uMohlala osanda kuthenga ipulazi eNorth West.
“Inkinga abantu baqhathanisa uSirino noMpho Makola owaphusha unompempe. Noma yikumuphi umsebenzi, uma ulwe nomuntu osezingeni lakho kakubi nankinga kangako kodwa uma ulwe nesikhulu uyalutheza olunenkume. NakuMakola kube ngesifanayo, wenza iphutha”.
Leli phephandaba libuza uYogesh Singh imenenja jikelele yeSundowns ukuthi ngaphakathi kukhona yini ukuqondiswa kobugwegwe noma usizo uSirino angaluthola uthe: “Noma ngabe kuthiwa kukhona noma cha esizokwenza, lolu wudaba lwangaphakathi futhi olubucayi ukuthi lungaxoxwa nabezindaba."
UMohlala uveze ukuthi ubuye abe wumnikazi weMohlala Sport Management ekhona eNorth West.