UMOHAU Mokate obekwiMaritzburg United uhlalelwe umsebenzi wokuzitholela iqembu elisha njengoba iqhubeka imidlalo ye-Absa Premiership
USIHLALO weMaritzburg United uFarook Kadodia, uthi abadlali ababili asebehuzuke iminyaka naleli qembu yibona abazicelele ukuhamba, akungoba bekhonjwe indlela yiqembu.

Umgadli uMohau Mokate nomdlali wasesiswini uDeolin Mekoa abaseyona ingxenye yeTeam of Choice kulandela ukuthi bethole izimfanelo zabo, bashiya phansi eMphithi.

Njengamanje sebengajoyina noma yiliphi iqembu abalithandayo.

Bobabili laba badlali bebelizwa ngendaba ijezi selokhu kufike * -Eric Tinkler kwiMaritzburg, nakuba kuphawuleka ukuthi babedlala ngesikhathi kusekhona uFadlu Davids.

UKadodia utshele leli phephandaba izolo ukuthi akukho bona njengeqembu abebengakwenza nxa abadlali befuna ukuzihambela. “Bafike basicacisela ukuthi abadlali ngakho bacela ukuthi sibadedele. Bebesenezinkontileka nathi, obese kusele ukuthi sixoxisane ukuthi batholani ukuze bezokhululeka. Isizathu abasibeke bobabili ngesokuthi abadlali, bafuna amaqembu abazodlala kuwona."

Omunye umdlali oshiye kwiMaritzburg engeneme uDenwin Farmer owalibeka ngebamba elokuthi bekungasekuhle phakathi kwakhe noTinkler.

“Asisoze sama endleleni yomdlali ofuna amadlelo aluhlaza noma ongagculisekile eqenjini. Siyaye sibheke kodwa ukuthi ngokwenkontileka kumi kanjani, nokuthi iqembu liyavumelana yini nokubekwa ngumdlali,” kuqhuba uKadodia.

UMokate ubebanga ijezi noThabiso Kutumela, Bongokuhle Hlongwane, Judas Moseamedi, Gabriel Nyoni noJaremy Brockie.

Ngakolunye uhlangothi uMekoa ubehlikihliswa ibhentshi nguMxolisi Kunene, Daniel Morgan noJusuf Jappie.

Umdlalo olandelayo weMaritzburg kwi-Absa Premiership izowudlala neMamelodi Sundowns, eLucas Moripe Stadium ngoSepthemba 21. Kungenzeka kube ngumdlalo wokuqala kaBrockie lona kwazise ubolekiswe ngaBafana Ba Style isizini yonke kwiTeam Of Choice.