UQALEKISA AmaZulu ngomkhaya bayo iLamontville Golden Arrows umqeqeshi wompetha beligi, iMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi.
Ngemuva kokubambana ne-Arrows ngo 0-0 eLoftus Versfeld, eTshwane koweDStv Prmiership ngoLwesithathu ntambama, uMngqithi ubekhuluma kwiSuperSport TV ngesikhathi ethi:
“Leli qembu ngelinye lanzima kakhulu ukudlala nawo kwiligi. Eqinisweni ngibona kuyibo abazoba nesandla ekutheni iligi ihamba nobani kule sizini.”
“Alikho iqembu elihlula leli ngokushintsha ibhola lifake igiya eliya phambili lisuka emuva,“ kusho uMngqithi.
Okukhomba ukuthi ubeqanganisela AmaZulu nge-Arrows wukuthi emidlalweni esalele Abafana Bes’thende wuSuthu kuphela olubukeka lusele embangweni wesicoco seligi.
Nangempela umdlalo olandelayo we-Arrows, isingatha lona Usuthu kowomkhaya baseThekwini eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
I-Arrows isonga iligi neStellenbosch kanti ngaphambi kwalokho idlala neKaizer Chiefs, TS Galaxy neMaritzburg United okungamaqembu angasondele nakancane embangweni wsicoco seligi.