SITHEMBISO MKHIZE
NAKUBA iMamelodi Sundowns iqophe umlando ngokuvikela isicoco seligi amahlandla amane kulandelana, inhloko yabaqeqeshi uManqoba "TV" Mngqithi, ikholelwa ekutheni abadlali bakhe bebengenza okungaphezulu kunalokhu abakwenzile kwisizini ka-2020/21.
AmaBrazilians ayisonge ngesitayela isizini ngempelasonto, ebhaxabula iCape Town City ngo-3-0 wamagoli kaLyle Lakay namabili kaPeter Shalulile.
Aqukule inkomishi yeDStv Premiership ngamaphuzu awu-67. Selokhu kwasungulwa iPremier Soccer League (PSL), kungokwesi-11 enqoba isicoco seligi.
UMngqithi uthe uma kuwukuthi inhloso yabo ukunqoba iCaf Champions League kuzomele benyuse amasokisi kakhulu kunakuqala.
"Usemkhulu umsebenzi osihlalele ngokuhlukana kwezindawo eqenjini. Isibonelo nje, kwabasesiswini u-AJ (Andile Jali), Lebo (Maboe), Mkhulisi (Sphelele) noKekana (Hlompho) kumdlali ngamunye silindele amagoli amahlanu kuya kwayisishiyagalombili ngesizini. Kasisondelanga nakancane kulokhu. Sidinga amagoli amaningi kulaba badlali. Okunye okungekuhle wukuthi kunamagoli angene ngakithina esuka kulaba badlali.
"Asithokozisi isibalo samagoli angene ngenxa yamabhola agotshwe yizitobha zethu. Lapha ngikhuluma ngamabhola agotshwa yizitobha afike ahlale cababa, emakhanda abadlali abasebhokisini. Ungangizwa kabi, kangisho ukuthi abafana kabenzanga kahle kodwa eqenjini elifana neSundowns kudingeka okungaphezulu,“ kusho uMngqithi.
Uqhube wathi: "Kusiphethe kabi nokuba ncane kwesibalo samagoli esiwashayile phezu kokuba sakhe inqwaba yamathuba. Isibonelo wumdlalo wethu ne-Al Ahly. Sakha inqwaba yamathuba kodwa sagcina sihluliwe. Yona kayenzanga mathuba, sashaywa amaphutha ethu. Kasithokozile nakuso isibalo samathuba esiwakhayo. Izibalo zithi aphakathi kuka-33 kuya ku-35 wamaphesenti amathuba esiwakhayo. Sincane kakhulu lesi sibalo. Yebo sishaye amagoli amathathu emdlalweni wethu neCity kodwa uma ubheka ukuthi zingaki izikhawu lapho onondweba abajaje abadlali bethu abebemi emhlabeni ongafanele, uzobona ukuthi ngabe sishaye amagoli amaningi.“
UMngqithi uveze ukuthi bancane kakhulu abadlali abazobasayinisa.
"Okwamanje asikanqumi ukuthi yibaphi esibakhululayo nesibagcinayo. Yebo bakhona abazosijoyina, okwamanje ngeke ngidalule amagama abo. Lapha kwiPSL sizosayinisa ababili noma abathathu esizoqinisa ngabo isikwati sethu,“ kusho uMngqithi.