INHLOKO yabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns uManqoba "TV" Mngqithi, ibona ubunzima eqoqweni ezakhe ezifakwe kulona kwiCAF Champions League. ISundowns enqobe lesi sicoco ngo-2016, iku-Group B. Kuleli qoqo iqhathwe neTP Mazembe yaseDR Congo, Al Hilal yaseSudan neCR Belouizdad yase-Algeria.
Imikhuba engemihle yokuhlukumeza amaqembu avakashile amazweni ehlukene ezwenikazi i-Afrika sekwaba ngamahlala akhona. Abaqeqeshi abaningi kuleli, babalisa ngokungaphathwa kahle emazweni ehlukene e-Afrika nxa bevakashele khona.
Ukungatholi izinkundla zokuziqeqesha, ukuhamba amahora amaningi kuyiwa kula mazwe, onompempe ababambana inkunzi emini ka bha, ngezinye zezinto ezenza amaqembu amaningi kuleli angenwe ngamanzi emadolweni uma kukhulunywa ngemiqhudelwano yase-Afrika.
UMngqithi ubeyingxenye yethimba labaqeqeshi ngesikhathi uPitso Mosimane enqoba neSundowns isicoco seChampions League ngo-2016.
“Kulesi sigaba seChampions League kungenzeka noma yini. Besingakujabulela ukuthola izindiza ezizosiqondisa ngqo emazweni esiyodlala kuwona kodwa kubonakala engathi kuyasiphinda lokho kokuzungeza. Uma ngingakhuluma ngezitha esizobhekana nazo, ngibona kuzoba nzima kakhulu. Uma ngingakhuluma nge-Al Hilal, ngibona ubungozi obukhulu ngoba ihlangene. Kuzomele sibagade impela, bayingozi. Nokuya khona kuyinkinga enkulu, asethembe nje ukuthi uma sesidlala umdlalo wokuqala nabo ekhaya, sizothola amaphuzu aphelele,” kulandisa uMngqithi.
“Uma ngingakhuluma ngeMazembe, sonke siyazi ukuthi kuhleze kunzima ukudlala nabo. Ngikuthatha njengenhlanhla ukuthi abalandeli bayo bazobe bengekho enkundleni, ngoba bajwayele ukuthwesana ubunzima. Empeleni nje abadlali abasebancane noma abasha eqenjini bangathwala kanzima impela, uma ubasa eDRC bengakaze beye. Kodwa ngiyakholelwa ekutheni singakwazi ukuthola amaphuzu kuyona. IBelouizdad yase-Algeria, iyaqala ukudlala kwiChampions League, ngakho nayo kumele siyigade impela. Nokuya khona kuyinkinga ngoba kwesinye isikhathi kumele uqale uye e-Europe noma eDubai.”
Ngempelasonto iSundowns iqhubekile nokungashaywa kwiDStv Premiership, ithola amaphuzu aphelele kwiBaroka FC, iyishaya ngo 2-0.
Amagoli kaLyle Lakay noThemba Zwane aqinisekisile ukuthi Abafana Ba Style bagoduka nawo wonke amaphuzu.
“Ngesikhathi kuqala isizini, sazitshela ukuthi emidlalweni emihlanu sifuna ukuthola amaphuzu angu-12. Sijabule ukuthi lokhu kuyenzeka kuze kube manje. Asibonge ithimba labaqeqeshi bonke ngokusebenza kanzima,” kusho uMngqithi.