INHLOKO yabaqeqeshi beMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, ibona ukuqhubeka kokungangenelwa amagoli sekuqala ukuba yisithiyo empumelelweni yabo.
Ngempelasonto, amaBrazillians abambane ngo-0-0 neCape Town City emdlalweni weDStv Premiership eKapa.
Bekuwumdlalo wesibili edlala ngokulingana.
Kowokuqala abambana neChippa United.
NgoLwesithathu, azodlala neSuperSport United, eLoftus Versfeld Stadium, koqala u-5.30 ntambama.
EzikaMngqithi ziqhwakele ngamaphuzu awu-26, emidlalweni eyishumi. Kazikangenelwa nayigoli elilodwa. Sezishaye awu-17.
UMngqithi obezwakala ukuthi uphatheke kabi, uthe nakuba bejabule kodwa sekuqala ukubafaka ngaphansi kwengcindezi.
"Le nto yokungangenelwa amagoli seyiqala ukusifaka amanzi emadolweni. Asisakwazi ukudlala ngokukhululeka, sesidlala ngokuqaphela kakhulu. Unobhutshuzwayo umdlalo wamaphutha. Kulolu hlobo lomdlalo, kwesinye isikhathi kumele ungenelwe ngamagoli bese wena ushaya amaningi ukuze uzonqoba.
“Abantu bagcina bengakulindele ukuthi senze amaphutha. Kulo mdlalo kumele ukhonye enkundleni, kodwa ngakolunye uhlangothi usuke ulindele ukuthi izitha zingase zilishaye kuqala igoli," kubeka uMngqithi.
Uqhube wathi: "Ningizwise kahle, kangisho ukuthi kumele siqale ukungenelwa amagoli. Lokhu kuqaphela kakhulu kwesinye isikhathi kusenza sigcine sesingadlali ibhola esaziwa ngalo.“
Lo mqemqeshi uqhubekile wakhala ngokudlala inhlakanhlaka yebhola bebhekene neCity.
"Siphucwe ibhola kaningi, sangakwazi nokulawula umdlalo njengoba sihlale senza. Kwesinye isikhathi ububona nje ukuthi imiqondo yethu kasiyigxilisile ngokuphelele emdlalweni. Kwale kancane sijeziswe ngalokhu.“
Yize kunjalo uthe kumele balijabulele iphuzu.
"Sidalo, wonke umuntu unalowa mhobholo, ngaso sonke isikhathi uhlale ekufuna konke. Kungcono ukudlala ngokulingana kunokuhlulwa. Bekungenzeka noma yini. Besidlala neqembu elinzima,“ kusho yena.
U-Eric Tinkler ocija iCity, uthe ukholelwa ekutheni bebengayishaya iSundowns.
"Siwatholile amathuba kodwa sangawasebenzisa. Bekuyilona ithuba leli lokushaya iSundowns. Sizenzele thina phansi. Uma udlala neqembu elinzima njengeSundowns kumele ucophelele, uwasebenzise amathuba,“ kusho uTinkler.
AmaCitizens akweyesishiyagalolunye ngamaphuzu awu-13. NgoMgqibelo azovakashela iTS Galaxy, eMbombela Stadium.