SITHEMBISO MKHIZE
INHLOKO yabaqeqeshi beMamelodi Sundowns, uManqoba " TV" Mngqithi, ikhwele yadilika kulabo abebegxeka umgqigqo weqembu lakhe ngaphambi kokuthi libhaxabule i-Orlando Pirates ngo-3-0 koweDStv Premiership ngempelasonto edlule.
Womabili amaqembu aye emdlalweni kukhalwa ngenkinga efanayo. Ngokuhlulwa yiSundowns, iPirates bekuwumdlalo wesine ihluleka ukunqoba.
Kubafana baseChloorkop bese kuphele emine behlaselwe isifo esifanayo. Ngemuva kokunqoba, uMngqithi uthe kubuhlungu ukuthi abantu bavele bagxuma, basola ukwehlelwa kwezakhe umgqigqo ngaphandle kokubhekisisa ukuthi lokhu kudalwe yini.
"Uma ubheka isibalo semidlalo esigijinywe ilaba bafana kulesi sikhashana, uzobona ukuthi bebengeke bakwazi ukubamba umgqigqo abaqale ngawo le sizini. Besingeke siqhube kahle ekubeni sidlala imidlalo ewu-20 kuya kwengu-25 zingakapheli izinyanga ezintathu. Asikaze sisithole isikhathi esanele. Kusukela ekuqaleni kuka-Ephreli sidlala ne-Al Hilal, labafana abakaze bakuthole ukuphumula.
"Ngaphandle kweSundowns, ungamangali uma kunabadlali beKaizer Chiefs nePirates abangeke badlale ngesizini ezayo ngenxa yokukhathala. Siyazi ukuthi kune-Civid-19, kodwa kunzima. Silindela lukhulu kula bafana esikhathini esincane. Kulindeleke ukuthi sidlale imidlalo ewu-19 ezinyangeni ezimbili. Ukulimala kwabanye kwabadlali kubuye kwaba yisibusiso. UShalulile (Peter) ushaye igoli kowePirates ephuma ekulimaleni. Uthole isikhathi esanele sokuphumula. Ngesifanayo nakuNascimento (Ricardo),“ kusho uMngqithi.
Ngokunqoba iSundowns ibuyele esicongweni kwi-log ngamaphuzu awu-51. Beyikade igudluzwe AmaZulu FC asenamaphuzu awu-50 ngemuva kokwehlula iLamontville Golden Arrows ngo 1-0 emdlalweni obungoMgqibelo.
“Ukunqoba kwethu kwiPirates akujabulisanga nje kuphela ithimba labaqeqeshi kodwa kuthokozise abalandeli, abaphathi beqembu, umengameli nebhodi leqembu.Lokhu kubuyise ukuzethemba njengoba sibheke emdlalweni wama-quarterfinal (eCaf Champions League). Emiqondweni yabadlali sekubuyile ukuthi bayiqembu elikwazi ukudlala nanoma ubani, noma ngasikhathisini. Nginethemba lokuthi emidlalweni emithathu kuya kwemine yeligi ezayo sizobuya ngamandla. NgoMeyi kasinayo imidlalo ecinene," kuqhuba uMngqithi.
Mayelana nowama-quarterfinal, eChampions League, abazowudlala ne-Al Ahly, uMngqithi, uthe: "Kuzoba umdlalo onzima kodwa siwulindele. Phambilini sike sadlala nayo yasishaya nathi saphinde senza kahle. I-Al Ahly iyiqembu elinzima eliqeqeshwa umqeqeshi esimhloniphayo (uPitso Mosimane). Sifunde lukhulu kuyena. Isifiso sami ukuthi iligi lapha iphele ngoJuni ukuze singeke sibe senkingeni uma sikwazile ukudlulela phambili kwiCaf. Uma iphela ngoMeyi, ngiyazibuza ukuthi ngoJuni, Julayi nango-Agasti sizobe senzani. Akukuhle ukuthi kuleli kunamaqembu adlala ngemuva kwezinsuku eziyishumi kuya kweziwu-15 ekubeni kukhona adlala njalo ngemuva kwezintathu". Umlenze wokuqala weSundowns ne-Al Ahly, ungoMeyi 14-15, owesibili ube ngoMeyi 21-22.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla - Ngo-5pm: Tshakhuma v Kaizer Chiefs (Peter Mokaba Stadium).
Kusasa - Ngo-3pm: Mamelodi Sundowns v Maritzburg United (Loftus Versfeld).
Ngo-5pm: Orlando Pirates v Black Leopards (Orlando Stadium).