ISIKHWISHIKHWISHI seLamontville Golden Arrows, uPule Mmodi, sibona imidlalo emithathu elandelayo izobacacisela okuningi mayelana nokuqeda ishobolo leminyaka Abafana Bes'thende behluleka ukunqoba inkomishi.
Uma kuwukuthi ezikaLehlohonolo Seema zifuna ukuqeda ngenothi eliphezulu njengoba zenzile ngesizini edlule, kuyaziphoqa ukubuya namaphuzu amathathu eMbombela Stadium, emdlalweni weDStv Premiership ezizowudlala neTS Galaxy ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Nakuba zanqoba kowokuqala weligi, zishaya iMaritzburg United kodwa ngesikhathi zibhaxabulwa yiSuperSport United ngo-3-1 kowesibili, kwagqama amaphutha.
UMmodi, olime indima Abafana Be'sthende belala isine kwiligi ngesizini edlule, ubuvumile ubudedengu babo.
"Emdlalweni weSuperSport sashaywa ukuhluleka ukumaka kusukela emuva kuya phambili. Besiyinhlakanhlaka, singeyona le Arrows abantu abayazi ngebhola elimnandi. Imiqondo yethu besingayigxilisile ngokuphelele kulowa mdlalo. Ikhefu leFifa lifike kahle sidinga isikhathi esanele sokulungisa amaphutha. Siya eMbombela sinokukhulu ukuzethemba. Siyazi kuzoba umdlalo onzima kodwa uma ngabe sifuna ukwenza kangcono kunangesizini edlule, kuzomele siqoqe amaphuzu zisuka. Uma singabuyanga namathathu, okungenani asithole elilodwa,“ kusho uMmodi.
Begcina ukudlala emlenzeni wokuqala kowandulela owamanqamu eMTN8 bebhekene neMamelodi Sundowns, Abafana Bes'thende batshengise izimpawu zokubuya, bebambana ngo-1-1.
I-Arrows yagcina ukuphakamisa indebe ngeMTN8 ngo-2009 ngaphansi kukaManqoba Mngqithi.
UMmodi, ogijime imidlalo ewu-28, washaya amagoli amahlanu ngesizini edlule, uthe kuyobe kufeziwe uma ekwaze ukuzuza izinto ezintathu azifisayo kule sizini.
"Ezifisweni zami, esiseqhulwini wukunqobela abalandeli bethu inkomishi yeMTN8. Sesifikile isikhathi sokuthi nabo bajabule. Kwiligi umdlalo weGalaxy, AmaZulu noweSekhukhune izosicacisela okuningi. Kumele senze kahle kuyo ukuze sizoya emlenzeni wesibili weMTN8 sinokuzethemba.
"Esinye isifiso sami ukubona i-Arrows ngesizini ezayo idlala e-Afrika. Ngokubuka izinto, akukho okungasivimba kulokhu. Ngesizini edlule sicishe salifeza leli phupho, sishaywe ukuqhuzuka ekugcineni.
"Kokuthinta mina siqu, ngifisa ukwenza kangcono uma kuqhathaniswa nangesizini edlule. Ngifisa ukushayela iqembu lami amagoli adlula kwamahlanu. Lokhu kungiphoqa ukuthi ngisebenze kanzima".
IGalaxy, abazodlala nayo, ayikanqobi kwiligi.
Kowokuqala idlale ngokulingana neKaizer Chiefs, kowesibili yadliwa yiStellenbosch.