NJENGOBA selidumela emasumpeni ngaphambi kokuqala komdlalo wamanqamu weNedbank Cup ozoba seMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, abalandeli bebhola baseMzansi balindele ukuthi kuqhubeke umbango omude phakathi kwamaqembu alandelwa kakhulu kuleli, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.
Ukuhlangana kwalezi zikhondlakhondla zaseSoweto, sekukhiqize inqwaba yemidlalo okusakhulunywa ngayo namanje kusukela ngeminyaka yawo-1970 ngesikhathi kusungulwa iChiefs. Ngaleso sikhathi kwakuyinjwayelo ukuthi la maqembu ahlangane kowamanqamu.
Ukuvela kwamanye amaqembu aqinile kwiligi yakuleli eminyakeni edlule sekuholele ekutheni kube yivelakancane ukuthi Amakhosi neZimnyama babange isicoco kowamanqamu.
Nakhu okwenzeka emidlalweni yamanqamu emihlanu yakamuva lapho kwadudulana khona iChiefs nePirates:
1988 Bob Save Super Bowl Final
3 December 1988
Ellis Park Stadium
Orlando Pirates 2–1 Kaizer Chiefs
Ayikho eyagoba uphondo emlenzeni wokuqala owaphela ngo 0-0, kwaphoqeleka ukuthi kuyiwe kowesibili owanqotshwa yiPirates ngo 2-1. Amagoli eZimnyama ashaywa nguBasil Steenkamp noLawrence Maake, eleChiefs lashaywa nguMike Mangena.
Le midlalo yamanqamu ingamazwibela omlando ojulile phakathi kwala maqembu, owenza abalandeli balindele omunye umdlalo oshisayo ozokhunjulwa iminyaka ngoMgqibelo.
2006 ABSA Cup Final
20 May 2006
ABSA Stadium (Kings Park)
Kaizer Chiefs 0–0 Orlando Pirates (IChiefs yanqoba ngo 5–3 kumaphenathi)
Kwakungokokuqala la maqembu ehlangana kowamanqamu kusukela ngo-1988. Isitobha sePirates, uTonic Chabalala, nomdlali wasemuva weChiefs, uDitheko Mototo, bakhishwa ngamakhadi abomvu kodwa womabili amaqembu ahluleka wukushaya igoli. IChiefs yanqoba sekukhahlelwa amaphenathi ngesikhathi unozinti uRowen Fernandez evimba iphenathi waphinde wayibeka phakathi eyokugcina yeqembu lakhe.
2010 Telkom Knockout Final
4 December 2010
FNB Stadium
Kaizer Chiefs 3–0 Orlando Pirates
Lona yiwona umdlalo owanqotshwa ngamagoli amaningi kweyamanqamu yakamuva phakathi kwala maqembu njengoba eminye yanqotshwa ngegoli elilodwa noma ngamaphenathi. IChiefs yaqumba phansi iPirates ngamagoli amabili kaSthembiso Ngcobo nelikaSiphiwe Tshabalala.
2011 MTN8 Final
10 September 2011
FNB Stadium
Orlando Pirates 1–0 Kaizer Chiefs
Lezi zinkunzi ezimbili zoSuthu zabambana ngo 0-0 ekupheleni kwesiwombe sesibili kodwa esikhathini esengeziwe u-Oupa Manyisa washaya igoli elasiza AmaBhakabhaka avikela indebe yeMTN8 ayinqobe ngo-2010 ngeshodi alishaya engaphandle kwebhokisi, uKhune wangakwazi ukulivimba.
2014 MTN8 Final
20 September 2014
Moses Mabhida Stadium
Kaizer Chiefs 1–0 Orlando Pirates
UTefu Mashamaite washaya igoli elanqobisa iChiefs ngekhanda esiwombeni sokuqala. Amakhosi adlala engekho owayengunozinti wawo oqavile, u-Itumeleng Khune, kodwa uBrilliant Khuzwayo wavimba inqwaba yamashodi ayeyingozi ayeqhamuka kwiPirates.