UTHAMI Mkhize obengukaputeni weCape Town City egawulwe yizembe kwiBetway Premiership ngenyanga edlule, usanethemba lokuthi uzolithola iqembu kulesi sigaba phezu kokuba esehanjelwe yiminyaka.
UMkhize waKwaXimba, eCato Ridge, ozohlanganisa iminyaka engu-37 ngo-Agasti, ngomunye wabadlali ababekhona ngesikhathi kubunjwa iCity ngo-2016. Leli qembu lakhiwa emuva kokuthi usihlalo walo, uJohn Comitis, ethenge isitifiketi seMpumalanga Black Aces.
Emuva kweminyaka engaphansi kweyishumi, lehlele kwiMotsepe Fundation Championship kulandela ukwehluleka wukuwina imidlalo yamaPlay-Off eliyidlale namaqembu akulesi sigaba okuyi-Casric Stars ne-Orbit College egcine inyukele kwiPremiership. UMkhize owaqala ibhola elikhokhelayo kwiLamontville Golden Arrows ngaphambi kokudlulela kwiMaritzburg United, wafika kwiCity emuva kokuphoxeka kwi-Orlando Pirates okwakuthiwa sekuqedwe konke ngokuthi uzoyijoyina kodwa izinto zashintsha ekugcineni, wehlela eKapa.
ICity igawulwa yizembe kwiPremiership nje, ibihlala ibalwa namaqembu abanga izindede eMzansi. Ngesizini ka-2016/2027 yawina indebe yeTelkom Knockout iqeqeshwa ngu-Eric Tinkler, yahlabana ngeyeMTN8 ngesizini ka-2018/2019 iphekwa nguBenni McCarthy. UMkhize ubengenye yezinsika zaleli qembu likaComitis.
"Umoya wami ubuphukile kakhulu. Iqembu elifana neCape Town City akulifanele ukugawulwa yizembe. Ngiphatheke kabi ukuthi bengikhona eqenjini njengoba izinto zingahambanga kahle. Njengomholi, ngizwa sengathi yimina imbangela yakho. Ngizwa sengathi ukuba ngenze ngenye indlela, umphumela ubuzohluka. Ingiphule umoya le nto sinoThabo (Nodada) ngoba sasinaye liqalwa iqembu," kusho uMkhize owadlalela iBafana kwi-Africa Cup of Nations ka-2019 e-Egypt
"Okungiphule umoya kakhulu wukuthi bengifuna ukuwina isicoco seligi neCity. Lokhu kuyiphupho lami leminyaka. Nginethemba lokuthi kusazokwenzeka. Ngesikhathi ngikwi-Arrows ngajabula siwina iMTN8 nakuba ngingadlalanga. KwiCity ngiphumelele ukuwina izindebe okuyinto engijabulisile leyo ngoba ibiyiqembu ebelinamaphupho. Kodwa iseyisilonda eyokuthi angikaze ngiyiwine iligi."
UMkhize ujoyine abadlali abaningi abahlonishwayo kwiPremiership abahanjelwe yiminyaka abangenawo amaqembu okubalwa kubona uRamahlwe Mphahlele ochithwe ngaMaZulu, Daniel Akpeyi oxhoshwe kwiMarumo Gallants nabanye. Ngokujwayelekile eMzansi, laba badlali babizwa ngamakhehla futhi amaqembu amaningi awafuni ukuzihlanganisa nabo kwazise iningi selithanda abafana abancane.
"Kimina kuhluke ukuthi umuntu ubona kanjani. Iminyaka yami, yiminyaka yami. Angiyehlisanga. Kule minyaka enginayo, ngisagijima imizuzu engu-90 enkundleni. Ngiyakuqonda ukuthi kunzima ukuthola umsebenzi uma usunaleminyaka kodwa ngiyakholwa wukuthi bakhona abantu abangeke bakunake lokho, abaziyo ukuthi ngisebenza kanjani. Ngisaneminyaka emibili engingayidlala kodwa akuncikile kimina. Konke kuncike kubantu okufanele banginike umsebenzi," kusho uMkhize.
Related Topics: