KUSIKILE ku-Ernst “Mazinyo” Middendorp eshaya iKaizer Chiefs edonsa kanzima kwiDStv Premiership selokhu kuqale isizini. Ngempelasonto uMiddendorp oqeqesha iMaritzburg United, ubuyele eFNB Stadium okokuqala engaseyena umqeqeshi waMakhosi kusukela axoshwa ekupheleni kwesizini edlule.
Uhambo lwakhe lube luhle kakhulu njengoba ebukise ngeChiefs eyishaya ngo 2-0, wamagoli kaJudas Moseamedi.
Ngenxa yokuthi uMiddendorp uxoshwe kungasekuhle ngesizini edlule ngemuva kokushweba isicoco seligi asihlwithwe iMamelodi Sundowns ngemizuzu yokugcina, kungenzeka ukuthi iningi belilindele ukuthi lo mqeqeshi odabuka eGermany uzokujabulela ukushaya abaqashi bakhe abadala.
Nokho uMiddendorp, uthe uyazwelana neChiefs kulesi simo ebhekene naso. Amakhosi asendaweni ka-14 kwi-log yeDStv Premiership.
“Ngibazi bonke abadlali beChiefs, kwazise sisebenze ndawonye iminyaka emibili. Ukusebenza kwethu kube nezithelo njengoba sigcine singena kwiCAF Champions League. Akabongwe ongabonwayo ngokuthi bakwazi ukudlulela kweyamaqoqo kulo mqhudelwano. Ngalokho, ngifisa ukubongela iqembu, nabo bonke abasebenze kanzima ukuthi lidlulele kweyamaqoqo. Akukuhle neze ukubabona bengenzi kahle ngale ndlela kodwa nginethemba lokuthi bazozishitsha izinto kungekudala,” usho kanje uMiddendorp.
Eqhubeka echaza, uthe ayikho nakancane into engamenza agiye ngethambo leChiefs kwazise uyayihlonipha futhi uyawuhlonipha nomsebenzi awenzayo wokuba ngumqeqeshi.
“Ayikho nakancane into engangijabulisa ngalesi simo. Uma ungumqeqeshi owaziyo umsebenzi wakhe awusoze wakhuluma ngombhedo wokuthi uyajabula ngokushaya abaqashi bakho abadala. Ukuhlukana kwami neChiefs ngeke ngiphefumule ngako namuhla, ngeke futhi ngikhulume ngakho nangomuso,” kusho lo mqeqeshi.
Njengoba uMoseamedi eshaye amagoli amabili anqobise iTeam Of Choice, uMiddendorp uthe umdlali ubaluleke kakhulu ezinhlelweni zakhe zeqembu.
“Ngamtshela ngifika lapha kwiMaritzburg ngoNovemba 26 ukuthi ungumdlali obaluleke kakhulu eqenjini. Ngamtshela ukuthi akumfanele neze ukuqhamuka ebhentshini, noma ukudlala kanye emidlalweni emine. Ungumdlali ofanelwe ukuqala imidlalo, njengoba ngimdlalise cishe yonke imidlalo selokhu ngifikile lapha. Naye akaphoxi, kunalokho ukhombisa ukudlondlobala kakhulu,” kusho uMiddendorp.