ULUVUYO "Amigo" Memela, owayedlalela i-Orlando Pirates, ukholwa wukuthi ukulambela ukuwina osekubuyile kubadlali beZimnyama kuzosiza uHappy Jele aphakamise indebe yakhe yokuqala engukaputeni.
IPirates izogijimisana neRSB Berkane yaseMorocco kowamanqamu weCaf Confederation Cup eGodwill Akpabio International Stadium, e-Uyo, eNigeria kusasa ngo-9 ebusuku. EZimnyama zagcina ukufinyelela kowamanqamu weConfed ngo-2015 kodwa zakhala ngaphansi kwi-Etoile du Sahel yaseTunisia. UMemela, oseyibamba kuMaZulu, noJele, babekhona kulelo qembu leZimnyama elaliqeqeshwa ngu-Eric Tinker.
"Ngiyakholwa wukuthi bazoyiwina iConfederation Cup. Sengike ngayibuka imidlalo yabo, okubalwa owakamuva. Badlala kahle. Kuyabonakala ukuthi bafuna ukuwina manje. Lokho kulambela ukuwina uyabona ukuthi sekubuyile. Ngokwami ngibona bezoyiwina, inqobo uma bengeke benze izinto zibe nzima, bafune ukwenza izinto eziningi. Ngeke kube lula. Kodwa ngiwafisela inhlanhla amajita. Ngithemba ukuthi azowina," kusho uMemela obekade edlala kwiCaf Champions League naMaZulu kule sizini.
UJele, owajoyina eZimnyama ngo-2006 esuka kwiWalter Stars, unikezwe ibhande likakaputeni ekuqaleni kwesizini ka-2017/2018 ngemuva kokubuya komqeqeshi, uMilutin "Micho" Sredojevic.
Uma iPirates iwina iConfederation Cup kuzoba kungokokuqala uJele ephakamisa indebe engukaputeni emuva kokuhlulwa kweyamanqamu izikhawu eziningi. Ngesizini ka-2020/2021, iPirates iwine iMTN8 kodwa indebe yaphakanyiswa nguThulani Hlatshwayo.
"Nginesiqiniseko sokuthi uHappy uyafuna ukuyiwina ekugcineni ngoba akakaze ayiphakamise indebe selokhu athatha isikhundla sokuba ngukaputeni. Ilitholile ithuba ngesikhathi bewina iMTN8 kodwa ubengekho esikimini. Ziningi izikhathi sihluleka kowamanqamu. Kukhona isikhathi lapho esihlulwe khona kowamanqamu izikhawu ezine zilandelana. Ngakho ngiyazi ukuthi kunjani kuHappy nakuNyauza asebenesikhathi eside bekhona eqenjini. Ngiyazi ukuthi bafuna ukuyiwina ukuze basuse umthwalo emahlombe," kusho uMemela.
Inkundla okuzodlalwa kuyona, iGodswill Akpabio International Stadium, iyikhaya le-Akwah United, okuyiqembu ebelidlalelwa ngu-Olisa Ndah oyisitobha sePirates. UNdah uwine isicoco seligi naleli qembu nyakenye ngaphambi kokufudukela kweZimnyama.