SITHEMBISO MKHIZE
UMQEQESHI waMaZulu, uBenni McCarthy, upiklela ababethi uzohluleka ukufeza iphupho likamengameli woSuthu, uSandile Zungu lokusonga iDStv Premiership lusemaqenjini amane aphezulu.
Usuku lwangoLwesithathu balusonge begcwele ukumamatheka abalandeli boSuthu olumabheshu ankone nezakhamuzi zaKwaZulu-Natal.
Luqinisekise ukuthi ngesizini ka-2021/22 luzobe lubhukuda nezingwenya kwiCaf Champions League.
Le ngqophamlando yenzeke ngokucoboshisa iSwallows ngo-1-0, wephenathi eshaywe nguTapelo Xoki, osohlwini lwabadlali abagaqele umklomelo wokuba yisitobha esiye savelela kwisizini ka-2020/21.
Ngala maphuzu amathathu, luqinisekise ukuthi akekho osazolususa kweyesibili.
Lunamaphuzu awu-53, emidlalweni ewu-29.
I-Orlando Pirates elele isithathu, noma ingawunqoba owokugcina, ezowudlala neTshakhuma kusasa, izogcina iphelela emaphuzwini angu-52.
"Ngiyazi ukuthi sisalelwe wumdlalo wokugcina kodwa sikufezile ebesiphupha ngakho. Sizuze obekungalindelwe muntu. Ngesikhathi umengameli waMaZulu ethi ufuna iqembu liqede iligi likwiTop 4, abantu bathi uyahlanya. Ngesifanayo nakimi, ngifika, abantu bathi uZungu udlala ngemali yakhe, uthenga igama nje. Ngixoshiwe kwiCape Town City, kangiyena umqeqeshi wezinga eliphezulu. Ngaleyo ndlela ngizohluleka ukufeza phupho lakhe. Esengifuna ukukwazi wukuthi njengamanje wubani ohleka yedwa,“ kusho uMcCarthy esonga izandla, waqhiyama.
AMaZulu kawagcinanga ngokuqopha umlando wokuzibekela indawo kwiChampions League, abe yiqembu lesibili ukushaya iSwallows kwiligi.
UMcCarthy uqhube wathi akazi ukuthi angakuchaza kanjani ukujabula anakho.
Uthe uyazi ukuthi kukhona abese bebangabaza ngenxa yokuhlulwa yiBaroka nePirates emidlalweni edlule.
"Uma sekuphele imidlalo ewu-16 ungahlulwa, ngokuhamba kwesikhathi uzoqhuzuka. Izimbangi zizokwenza isiqiniseko sokuthi zikwenzela umsebenzi ube lukhuni. Ingqwele ihlulelwa ngokuthi ivuke izithintithe. Lokho sikwenzile ngokushaya iSwallows engenye yamaqembu anzima. Ukudlala kwayo ngokulingana kwengu-19, sifike sakuqeda. Besinalo ithuba lokushaya amanye amagoli, kodwa siyalimukela leli esinqobe ngalo, lisifake kwiChampions League.“
Kusasa uSuthu luzovala nomkhaya balo, iMaritzburg United abazobe belwela ukuvika ukuya emidlalweni yokuhlunga. I-United isendaweni ka-13 ngamaphuzu awu-29.
Ngesizini ka-2014/15, la maqembu abhekana kowokugcina. Sekuyindaba endala ukuthi iTeam of Choice yashovela ehlathini omkhaya bayo, ibashaya ngo-2-1, kowawuseMoses Mabhida Stadium.