UBENNI McCarthy, oqeqesha AmaZulu FC, usabise abadlali bakhe ngokubavusa emaqandeni, ethi uzosayinisa abanye abazokhombisa intshisekelo yokubeka leli qembu ezingeni eliphezulu.
Lo mqeqeshi ukusho lokhu ngemuva kokuthi Usuthu lubambane ngo-1-1 neKaizer Chiefs emdlalweni weDStv Premiership obuseFNB Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
Obekunenga uMcCarthy wukuthi ubebona ukuthi bekumele bawunqobe lo mdlalo kodwa bawudedela.
Igoli leChiefs kube umkhonto ogwaze ekhaya ngonyawo lukaKeagan Buchanan. Kudingeke ukuthi AmaZulu asebenze kanzima ukuthola igoli lesibili elishaywe uBongi Ntuli obesuka ebhentshini.
Bekuwumdlalo wesibili kulandelana edlala ngokulingana.
USuthu yilona kwiligi oluhamba phambili ngokudlala ngokulingana, eselikwenze amahlandla ayisikhombisa. Lusendaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu awu-16.
"Ngicabanga ukuthi singabaqeqeshi kukhona lapho silahleka khona. Uma sisejimini abadlali benza izimanga kodwa uma sekufikwa emdlalweni zonke lezi zimanga bazishiya phansi, baqale baveze ukungazithembi. Sisuke sibanike lonke ulwazi ngezitha esizobhekana nazo. Njengamanje sineqembu elingamile emgqigqweni walo. Sigcina siphoqeleka ukusebenzisa bonke abadlali abasesikwatini,“ kusho uMcCarthy obekubonakala ukuthi udiniwe.
Ekhuluma nabezindaba, uqhube wathi: "Kumele ngaso sonke isikhathi uhlale ukhumbuza abadlali bakho ukuthi bakhona abangenza umsebenzi ongcono kunabo. Kumele wengeze ngabezinga eliphezulu, abazofike batshele laba abakhona ukuthi thina iqembu sifuna ukulibeka ezingeni elingaphezu kwaleli elikulo.“
Lo mqeqeshi ube esebuyela kulokhu ake wakusho phambilini, ngesikhathi bephikwa yimiphumela emihle, ethi ngesikhathi kuvulwe iwindi akabatholanga abadlali ayebafuna.
Okucasule uMcCarthy, akuveze nakwiSuperSport ngemuva komdlalo, wukuthi abadlali bakhe bebezitanasela, bedlala sengathi bahamba phambili yize iChiefs ibingasaphelele. UCole Alexander weChiefs uthole ikhadi elibomvu. Umdlali waMaZulu, uSmakelo Mgwazela, naye ugcine ephumile ngenxa yawo amakhadi.
"Ngebhadi angibatholanga abadlali engangibafuna. Nginesiqiniseko sokuthi kulolu hlobo lomdlalo esiphuma kulo bebezokwenza into yamehlo. Inkinga esibhekene nayo sisenabadlali abebekhona phambilini. Kwesinye isikhathi udinga abadlali abazovusa emaqandeni laba abakhona, babeke neqembu kwelinye izinga. Impela siyabadinga abadlali esizokwengeza ngabo. Sifuna ukuqhubeka nokuba yiqembu elizosonga lisendaweni yesibili kwi-log, liqhubeke nokudlala kwiChampions League. Ewindini elilandelayo sibadinga impela abadlali abazovusa emaqandeni laba abakhona".
UMcCarthy uthe uma ecabanga ngeCaf Champions League bese ebona isimo akuso, uvele ashaywe uvalo.
AmaZulu angene esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano.
"Asinabo abadlali esingahamba ngabo ibanga elide kwiChampions League, kwiligi nakwiNedbank Cup. Ngokubuka izinto, singase sifakwe eqoqweni elinzima. Kusengenzeka sifakwe kulelo okukhona kulo i-Al Ahly, Zamalek noma elinye iqembu elinzima. Uma sizoqhuba kanje, sizongena ehlazweni. Sidinga abadlali bezinga eliphezulu.
"Okubuhlungu bayakhokhelwa ngokudlala, okulula abangakwenza ukugcina umgqigqo wabo. Asisho ukuthi abashise kuyona yonke imidlalo, lokho akulula. Kuhlula ngisho uLionel Messi noCristiano Ronaldo. UMohhamed Salah kuphela oshisa masonto onke muva nje. Sinqoba imidlalo ngabadlali abayisithupha kuphela. Abanye abahlanu bathembe ukuthi bazokwenzelwa yilaba abanye umsebenzi,“ kuphetha uMcCarthy.
NgeSonto uSuthu luzodlala owomkhaya neMaritzburg United ngo-5.30 ntambama eHarry Gwala Stadium.
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto:
Kusasa - Ngo-3.30pm: Mamelodi Sundowns v Sekhukhune United (Absa Tuks Stadium); TS Galaxy v Cape Town City (Mbombela Stadium).
NgeSonto - Ngo-3.30pm: Swallows v Kaizer Chiefs (Dobsonville Stadium); Lamontville Golden Arrows v Baroka (Princess Magogo Stadium); Royal AM v Stellenbosch (Chatsworth Stadium.
Ngo-5.30pm: Maritzburg United v AmaZulu (Harry Gwala Stadium).
Imidlalo yangempelasonto yeGladAfrica Championship:
NgoMgqibelo-Ngo-3.30 pm: Callies v Polokwane (Lucas Masterpieces Moripe Stadium); Sporting v Cosmos (Kabokweni Stadium); Lions v Leopards (GWK Park); Free State v Tshakhuma (Globe Park); Bay v Rovers (King Zwelithini); Uthongathi v All Stars (Princess Magogo Stadium).
NgeSonto - Ngo-3.30pm: Venda v Tuks (Thohoyandou Stadium); Spurs v JDR (Athlone Stadium).