SITHEMBISO MKHIZE
UMQEQESHI waMaZulu, uBenni McCarthy, uzishaya isifuba ngokusayinisa uThabo "Section 10" Qalinge ogijime umdlalo wokuqala iqembu lishaya iBlack Leopards ngo-1-0 koweDStv Premiership eThohoyandou Stadium, ngeSonto.
Igoli okunqobe ngalo uSuthu lishaywe uSiyethemba Sithebe. Belunqoba umdlalo wesihlanu kulandelana. Kwemine kalingenelwanga amagoli.
Ukunqoba lapha kulithathe kwalibeka endaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu awu-37, emidlalweni ewu-21.
Lulandela iLamontville Golden Arrows ekweyesibili, babambene ngamaphuzu.
Ngemuva kokudlala kukaQalinge imizuzu ewu-20 koweLeopards, uMcCarthy uthe akangabazi ukuthi lo mdlali oyibamba ohlangothini lwesokunxele uzoba wusizo olukhulu kokuhloswe ukuzuzwa uSuthu.
"Umdlali umsayinisa ngenxa yokwazi ithalente lakhe. Ngithemba ukuthi uzosiza iqembu ukuthi lisonge lisendaweni eliyifunayo. Okungijabulisayo ukuthi nasejimini wenza kahle. Akumele simfake ingcindezi, kumele sithathe izinto kancane. Kumele sikhumbule ukuthi sekuphele isikhathi eside agcina ukudlala. Ngokuhamba kwesikhathi, uzoba yile nto esiyidingayo. Nakuba kukuningi okusamele akulungise kodwa ingichazile indlela adlale ngayo koweLeopards," kubeka uMcCarthy.
Umdlalo wangeSonto bekungowokuqala selokhu uQalinge akhonjwa indlela iSuperSport United, ngoMeyi wangonyaka odlule.
OSuthwini ufike maphakathi nenyanga ezozama inhlanhla, ngempela kwamlungela. Ungumdlali wesibili osayiniswe uMcCarthy. Owokuqala uZukile Kewuti obesuka kwiCape Town City.
UQalinge owazakhela igama kwi-Orlando Pirates ijezi uzolibanga naye uKewuti, Siphiwe Tshabalala, Luvuyo Memela noPhakamani Mahlambi.
Mayelana nomdlalo weLeopards, uMcCarthy uthe bebebazi ubunzima abazobhekana nabo eThohoyandou.
"Iqhinga bekuwukuthi sifake ingcindezi kwiLeopards. Besazi bazohlasela ngamandla, bafake abagadli abaningi. Ngichazekile ngendlela uVeli (Motha) nodonga lwakhe abadlale ngayo. Umdlalo wesine engangenelwa igoli. Okwami ukuthi ngincome abadlali bami, kuhlale kunzima ukuthola amaphuzu aphelele kule nkundla. Ngithandazela ukuthi siqhubeke nalo mgqigqo nasemdlalweni wethu olandelayo neStellenbosch. Imidlalo iya ngokuba nzima, nokho ngalo mgqigqo ngithemba ukuthi sizokufeza esikudingayo.“
Umdlalo woSuthu neStellies ungoLwesihlanu ngo-5 ntambama, eDanie Craven Stadium.