UMQEQESHI waMaZulu FC, uBenni McCarthy, akekho ngaphansi kwengcindezi yokubeka leli qembu phakathi kwamane aphezulu kwi-log yeDStv Premiership, ngokuphela kwesizini njengokwesifiso somphathi weqembu uSandile Zungu.
Usho kanje umhlaziyi webhola lezinyawo uBongani Yengwa, ngalo mqeqeshi waMaZulu. Iqembu lakhe libukeka libhukule kakhulu emidlalweni yakamuva, lizama ukuqoqa amaphuzu kulezi zinsuku emidlalweni yeligi.
EzikaMcCarthy zandise usizi eNaturena, ngenkathi zibhaxabula iKaizer Chiefs ngo 2-1 emdlalweni obuseFNB Stadium eGoli, ngoLwesithathu. Ukunqoba koSuthu kulo mdlalo kulubeke endaweni yesithupha kwi-log yePremiership.
UMcCarthy usenqobe imidlalo eyisithupha - okubalwa nowodwa weNedbank Cup - wadlala ngokulingana kwemine, wehlulwa kowodwa.
“Akanayo ingcindezi uMcCarthy, ngoba vele ufike eqenjini isivele isikhulunyiwe indaba yokuqeda kweqembu phakathi kwamane aphezulu kwi-log. Mhlawumbe-ke, usengazifaka yena ngenxa yezinga lakhe lokuqeqesha kodwa uma ubheka iqembu lenza kahle njengamanje. Ngicabanga ukuthi ungomunye wabaqeqeshi abambalwa abasathole le miphumela esatholwe nguyena kuze kube yimanje,” kubeka uYengwa.
Uyengwa uqhube wathi okunye okubukeka kumbeka esimeni esihle uMcCarthy njengamanje, wukuthi namaqembu esigaba sePremiership asahluleka ukugcina umgqigqo owodwa, ngisho nalawo aphezulu kwi-log.
“Ambalwa kakhulu amaqembu kule sizini asakwazile ukunqoba imidlalo emithathu ilandelana, nawo AmaZulu angelinye lalawo maqembu ambalwa. Lokho okusho ukuthi usayibambe ngakho okwamanje uMcCarthy. Ngakho eyokuqeda ku-top 4 noma ngaphezulu kwalokho, isiyoncika ekubeni nesikwati esibanzi nokuthi usisebenzisa kanjani.,” kusho uYengwa.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngenkathi uMcCarthy ethulwa njengomqeqeshi omusha woSuthu, wakubeka kwacaca ukuthi yena uzimisele ngokwenza okungcono kunalokhu okwakushiwo ngusihlalo weqembu uSandile Zungu, okokuqeda phakathi kwamaqembu amane aphezulu kwi-log.