UMQEQESHI waMaZulu FC, uBenni McCarthy, udonse ngendlebe abadlali bakhe ukuba basebenzise amathuba abawatholayo, kungenjalo bazozisola ngomuso. UMcCarthy ukusho lokhu ngemuva kokuthi ezakhe zidlale ngokulingana zivakashele iBloemfontein Celtic emdlalweni weDStv Premiership ophele ngo 1-1 ngempelasonto.
ISiwelele yisona esishaye igoli kuqala ngekhanda likaMzwanele Mahashe ngesiwombe sokuqala. Usuthu lubuye ngamandla ngesiwombe sesibili, u-Augustine Mulenga washaya igoli lokulinganisa. Belishisa likhipha umkhovu etsheni kanti notshani enkundleni, iDr Petrus Molemola, bebungasikiwe kahle nokuyizinto uMcCarthy aziphawulile ngalo mdlalo.
“Ngicabanga ukuthi isimo sezulu sisenzele phansi kakhulu. Belishisa kakhulu kunzima ukudlala. Angisayiphathi eyenkundla, utshani bebungasikiwe kahle nokwenze kwanzima ukuthi sidlale. Lilonke nje, mina ngisola ukuthi sidedele amaphuzu, bekufanele sinqobe. Nokho ibhola linjalo, uma ungawasebenzisi amathuba owatholayo,” kusho uMcCarthy.
Selokhu efikile uMcCarthy, akayazi induku kuMaZulu. Uvule ngamaphuzu amathathu eshaya iChippa United ngoDisemba, ngaphambi kokudlala ngokulingana neSiwelele.
“Ngicabanga ukuthi iqembu seliyahlangana manje. Ngikholelwa ekutheni ithuba esilitholile lokuthola amaphuzu kwiCeltic, ngeke silithole kule ligi ngenxa yobunzima bayo. Bekufanele sihambe phambili noma ngo 4-0 ngaphambi kwekhefu,” kuchaza uMcCarthy.
Eqhubeka echaza, uthe uyakujabulela ukuthi akakashaywa njengomqeqeshi waMaZulu.
“Amaphuzu mane esesiwatholile selokhu ngithathe izintambo. Akukubi neze. Manje sekufanele sibheke umdlalo wethu olandelayo neKaizer Chiefs maphakathi nesonto. Kuningi okuhle esikuthathile emdlalweni wethu neCeltic engikholelwa ekutheni kuyosisiza ngomuso,” usho kanje uMcCarthy.
UMcCarthy ugcine ezenzile izinguquko ethimbeni lakhe labaqeqeshi. UMoeneeb Josephs usengumqeqeshi wonozinti, uVasili Manousakis uyiphini lokuqala lomqeqeshi, bese kuthi uSiyabonga “Bhele” Nomvethe abe yiphini lesibili.
Usuthu luzoya emdlalweni walo neChiefs ngoLwesithathu ngokukhulu ukuzethemba ngenxa yomgqigqo ongemuhle waMakhosi. EzikaGavin Hunt ziyaqhubeka nokudonsa kanzima kwiDStv Premiership ngemuva kokushaywa iMaritzburg United ngo 2-0 ngempelasonto.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Kusasa Ngo-3pm: AmaZulu v Kaizer Chiefs (Jonsson Kings Park Stadium).
Ngo-5pm: SuperSport United v Bloemfontein Celtic (Lucas Moripe Stadium); Tshakhuma FC v Orlando Pirates (Thohoyandou Stadium).