UMQEQESHI weKaizer Chiefs u-Ernst Middendorp uyazisola ngokuxina ngemidlalo uSamir Nurkovic Isithombe: BACKPAGEPIX

UYAZIGXEKA ngokuxina umdlali omusha ngemidlalo umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Ernst Middendorp, ongayazi induku kusukela kuqale isizini ka-2019/2020.

IChiefs, ehlukene nenqwaba yabadlali ngenhloso yokwakha kabusha iqembu, isayinise abane kuphela okungumgadli uSamir Nurkovic, Lazarus Kambole, James Kotei noKearyn Baccus obedlala e-Australia. Kumasizini adlule, iChiefs kade ibasayinisa abadlali kodwa bagcine bengayenzelanga lutho.

Kulokhu abadlali abasha basheshe bayithola indawo esikimini. UKotei kuphela ongakabonakali enkundleni.

UNurkovic noBaccus sebevele bashayele iChiefs amagoli abalulekile emidlalweni ehlukene.

Nokho uMiddendorp uthe kuyingozi ukuxina ngemidlalo uNurkovic osazama ukujwayela iligi yaseMzansi.

“USamir ungumdlali onekhono kakhulu lokwakha amagoli.

“Uyafuna ukuzishayela amagoli kodwa ubuhlakani anabo bumenza abone abadlali abasendaweni engcono. Kodwa kufanele sibheke ukuthi usuka kwenye indawo engafani nalena.

“Ngiyalithwala icala lokuthi ngimxine ngemidlalo kodwa lokho ngikwenze ngoba siyamdinga.

“UBaccus noJames Kotei nginaso isikhathi ngoba bakhona abanye engingabadlalisa ezindaweni zabo. Kodwa noSamir kuyingozi ukumxina ngemidlalo ngendlela esenza ngayo,” kusho uMiddendorp.

Kuyiwe ekhefini leFIFA iChiefs ihlezi esicongweni se-log ye-Absa Premiership ngamaphuzu angu-10 emuva kwemidlalo emine.

Akubuzwa ukuthi abalandeli baMakhosi bazofuna iqembu labo liqhubeka nendlela eliqale ngayo.

Mkhulu umehluko kwiChiefs uma uqhathanisa nangesizini edlule. Emdlalweni wakamuva ihlula iCape Town City ikhombise umfutho ikade isilandela emuva ngo 1-0.

Emuva kokuthi uNurkovic eshaye igoli iChiefs ibhekene neSuperSport United emdlalweni ophele zibambene ngo 1-1, umqeqeshi waMatsatsantsa, uKaitano Tembo umncomile.

“Sibe nenkinga ukuvimba UNurkovic. Ngicabanga ukuthi usazowathwesa ubunzima amaqembu amaningi. Ungumgadli omuhle kakhulu.

“Udonga lwami lwasemuva beluqala ukubhekana nomdlali onjengaye. Uyakwazi ukubamba ibhola, uhlakaniphile futhi,uthatha izinqumo eziyizo. Usinike inkinga kakhulu, “kusho uTembo.